UNOBUHOLI obusha umkhandlu wamabandla eNingizimu Afrika kulandela ingqungquthela yamabandla okukhethwa kuyona ubuholi esongwe.
UMbhishobhi Sithembele Anton Sipuka ukhethwe waba umengameli omusha weSouth African Council of Churches engena endaweni ka-Archbishop (Dr) Thabo Makgoba.
Iphini likamengameli lokuqala, uNksz Lulama Ntuta we-Anglican Church of Southern Africa, elesibili nguMfundisi (Dr) Nioma Venter weDutch Reformed Church.
UMfundisi Mzwandile Molo weMethodist Church of Southern Africa, ukhuphukele kwesikanobhala ebesiphethwe uMbhishobhi Malusi Mpumlwana osethatha umhlalaphansi.
Ingqungquthela ibiseKempton Park, eKurhuleni eGauteng.
Enkulumweni yakhe yokuvalelisa, uMakgoba ubonge uMpumlwana ngokuzinikela kwakhe emsebenzini kaNkulunkulu nowezwe ngomzabalazo wezitshudeni ngeminyaka yo-1960.
“Usize kakhulu ekutheni nathi sibe nezwi elibalulekile uma kudingidwa izinto ezithinta izwe. Ngibonga nawe Molo ngobukwenza umeseka futhi ngiyakuhalalisela esikhundleni sakho esisha,” kusho uMakgoba.
Ukhuthaze izithunywa zamabandla ebezikule ngqungquthela wathi kumele ziqinisekise ukuthi iyakhulunywa eyentsha ebhuquza emakhaya ngenxa yokuntula imisebenzi.
Ubalule nokuthi qhaza lini elingabanjwa yibandla ekutheni kunakekelwe izidingo zabesifazane, izingane, abaphila nokukhubazeka nabathandana nabobulili obufana nobabo.
UMakgoba uthe esinye sezinqumo okumele sithathwe wumkhandlu esokuthi kuqalwe uhlelo lokweseka ngokusemthethweni izwe iPalestine.
“Kumele siqhamuke nezinhlelo ezizolekelela ekutheni kukhululeke abantu basePalestine ngokuthi sibhekane nalabo abahlinzeka izwe i-Israel ngezikhali. Elinye lamazwe eseka i-Israel, yi-United States, okuyiyona ephethe ukhiye wokunqanda le lizwe ekutheni lime ekuqotheni abantu basePalistine,” kusho uMakgoba.