NGESIKHATHI lapho iNingizimu Afrika ibhekene nokuntuleka kwamathuba omsebenzi, uNksz Thandolwethu April (23), oyiSekela lomholi emkhandlwini omele izitshudeni, iStudent Representative Council (SRC), ufisa intsha ingaliphonsi ithawula kwezemfundo.
UNksz April usho kanje kulandela ukuphothula kwakhe iziqu ze-Accounting ngaphansi kwezinselelo ezahlukene, aphinde abhekelele nezitshudeni njengomholi.
UNksz April waseButterworth, e-Eastern Cape, uthe ufisa ukutshengisa abasenemicabango yokuthi abantu besifazane abakwazi ukuba ngabaholi ukuthi kuyenzeka.
Uphinde wathi sezadlula izinsuku lapho abaholi beSRC bengaphumeleli ngesikhathi ezifundweni zabo futhi uthi yena nozakwabo abayisithupha abebengabaholi bezitshudeni bayisibonelo salokho.
"Njengentsha siyikusasa laleli lizwe. Ngabekezela ngaze ngafika la ngoba ngifuna ukukhombisa intsha ukuthi singenza noma yini esiyifisayo noma sihlulelwa," kuchaza yena.
Uthweswe iziqu zakhe ngoLwesibili ehholo lesikhungo Indumiso eDUT futhi uthe ufisa imfundo ibe yimfashini.
"Ngihlezi ngitshela abafundi abadidekile noma abalahle ithemba ukuthi ababheke phambili. Ngiyathanda ukusho ukuthi into ebalulekile kakhulu yindawo ofisa ukuya kuyo, hhayi imuva lakho noma ubunzima obhekene nabo manje," kusho uNksz April.
Uthe ufisa ukufunda aze abizwe ngodokotela. Uphinde wathi yize noma engenazo izifiso zokuba umholi wakusasa kodwa angeke anqabe uma ithuba liziveza.
"Ngingathanda ukuba ngumuntu ogqugquzelayo kunoma yimuphi umkhakha engikuwo. Ngangifisa ukuthi abantu babone ukuthi abantu abafani futhi asidalelwe izinto ezifanayo empilweni," kusho yena.