UKUKHULA kanzima emndenini ohlwempu uthi kumenze wasungula umkhankaso awethe ngokuthi yi-1 Million pairs of school shoes, umfundisi waseZayoni.
UMfundisi Linda Mfekayi (42) ozalelwe eMtubatuba, ukholwa wukuthi abefundisi kumele kube khona indima abayiklamayo ekuthuthukisweni kwezemfundo.
Wathi inhloso yomkhankaso wukwelekelela ngezicathulo abafundi abavela emindenini ehlwempu. Uqhube wathi uwuqale ngenxa yokuthi naye wakhula ngaphansi kwesimo esifanayo.
"Ngibone ukuthi angibe nomkhankaso ozolekelela abafundi ngezicathulo. Ngibonile ukuthi akwenele uma ngixoxela abantu ukuthi kwakunzima kangakanani ukuthola izicathulo ngisafunda,'' usho kanje uMfundisi ohola ibandla laseZayoni.
UMfekayi uqhube wathi uyazi ukuthi kwabanye abantu kuzwakala njengehaba ukuthi ufuna ukuhlanganisa izicathulo eziyisigidi. Ngokusho kwakhe, ukholwa wukuthi wethemba uNkulunkulu ngoba akukho okungenzeki kuyena. Ugcizelele ukuthi isibalo sezicathulo sizohlangana.
"Njengoba ngikhuluma nawe nje, sesikwazile ukuthi sihlanganise amapheya ezicathulo alinganiselwa ku-396. Nakanjani ngikholwa wukuthi sizogcina sifikile kwisigidi. Nginxusa bonke abantu ukuthi bafake isandla ukuze lokhu kuzobonakala kuphumelela,’’ kunxenxa uMfekayi.
Uveze ukuthi kunabantu abaningi abafaka igxalaba ngoba bafuna ukuqinisekisa ukuthi uthela izithelo ezinhle umkhankaso wezicathulo.
Ucaphune encwadini engcwele umbhalo ojwayelekile othi “sibusisiwe isandla esiphayo kunesamukelayo”.
Umfundisi uqhube wathi kulokoza inhlansi yethemba ngokuthi ngemuva kwezinyanga ezimbalwa izicathulo zizobe sezihlangene.
“Ngikholwa ukuthi uma ukholwa nakanjani kuNkulunkulu uyakwenzela lokho osuke ukudinga ngaleso sikhathi. Nami ngiyakholwa ukuthi lokhu engikufunayo uNkulunkulu uzokwenza nakanjani,'' kuphefumula umfundisi.
UMfekayi uphethe ngelithi unethemba lokuthi ibandla likaNkulunkulu kumele libhukule liqinisekise ukuthi abantu abasha, abaphazanyiswa wukushoda kwezicathulo nomfaniswano wesikole emfundweni yabo.