UMFELOKAZI oboshelwe icala lokubulala umyeni wakhe obeyiphoyisa ufisele izilokotho ezinhle zikaKhisimusi abasemzini namalungu omphakathi abesenkantolo ngesikhathi esebuyela esitokisini.
UNkk Nongcebo Faith Ntombela ubevele eNkantolo yeMantshi yaseMlaza ngoLwesithathu.
Bekuqhutshekwa nokulalelwa kwesicelo sakhe sebheyili kodwa isinqumo sagodlwa.
Kulindeleke ukuthi imantshi isikhiphe ngoLwesine ngesonto elizayo isinqumo.
Usukume ebhokisini labasolwa eseshona phansi emgodini wama wabuka abebekade bethamele icala.
Uphakamise isandla sangakwesokudla waphimisa amagama athi: "Nginifisela uKhisimusi omuhle.''
Nabo abasemzini namalungu omphakathi baphendulile ngokufanayo bathi bamfisela uKhisimusi omuhle azowuchitha ezitokisini.
Njengenjwayelo ubebonakala eswenke econsa efake izibuko futhi emamatheka.
Lo wesifazane ubhekene necala lokwakha itulo lokubulala nelokubulala umyeni wakhe, uCaptain Zwelakhe Thomas Ntombela, owayeyiphoyisa likaMasipala waseThekwini.
Ngaphambi kwalokho uNkk Ntombela ubuze izintatheli ukuthi kungani zihlezi zimthwebula izithombe kodwa zingabe zisamphathela iphepha ukuze azibone.
UNkk Ntombela ugqigqa enkantolo ufuna ibheyili noMnuz Sithembiso Khumalo onguthishomkhulu esikoleni samabanga aphansi iMpumulwana, KwaMaphumulo.
Omunye oboshelwe leli cala yisiboshwa okuthiwa siyingozi, uKhulani Cele, ovele udonsa isigwebo sikadilikajele ngecala lokubulala.
Umphenyi wecala, uMnuz Sibusiso Ntshangase, waveza enkantolo ukuthi uCele unobudlelwane bezothando noNkk Ntombela.
Enkantolo izolo bekugcwele kakhulu njengoba bekulindeleke ukuthi kuphume isinqumo sokuthi laba bayayithola yini ibheyili.
Eziphendulela ngokushiwo nguNkk Ntombela, uMnuz Nkosinathi Ntombela (oyiwele likamufi) uthe abanankinga nakushilo inqobo nje uma ezogcina egwetshiwe.
“Asinankinga nokuthi uthini, vele useyafana nje nenyoka esifile. Asimdingi nangemuva kwawo uKhisimusi, kumele aqhubeke ahlale ezitokisini,’’ usho kanje.
UNtombela wadutshulwa wabulawa ngoMeyi 3 nonyaka ngesikhathi evala isango lakwakhe kwa-S eMlaza.
Inkabi okuyiyona eyadubula umufi yalivuma icala yase igwetshwa iminyaka engu-25 ibhadla ejele.
Le nkabi kwavela nokuthi isizoba ufakazi woMbuso uma sekuqulwa icala okulindeleke ukuthi lidluliselwe eNkantolo eNkulu yaseThekwini.