UZIMISELE ngokubuya azothuthukisa intsha owesilisa osemncane wasoPhongolo, omenywe e-United States of America (USA) ukuyocobelelana ngolwazi nentsha yamazwe ehlukene.
UMnuz Vuyolethu Sibiya (26) osezinze eGoli, ungumsunguli weKuzodlula Motivational Tour (KMT), okuyinhlangano esiza intsha. Umenywe nguMbhishobhi Charles Blake weChurch of God in Christ (Cogic) kwi-International Leadership Conference ngoJulayi eCharlotte, eNorth Carolina.
UBlake uke wasebenza ehhovisi lobengumengameli wase-USA uMnuz Barack Obama.
Isolezwe linayo incwadi yesimemo sikaSibiya ebhalwe yihhovisi le-Cogic. Kule ncwadi kuthiwa umenywe ngenxa yomsebenzi oncomekayo wokusiza intsha abakholwa wukuthi angaba yisibonelo nakweyase-USA.
Echaza ngokuthola leli thuba uSibiya uthe iKMT wayisungula ngo-2013 ebona izinselelo ezibhekene nentsha.
“Ngivakashela izikole ngethule izinkulumo ezakhayo ukukhuthaza intsha. Ngenza nemibukiso yamakhono ngibuye ngikhuthaze abafundi abafeyile u-matric nabasawufunda. Ngahlangana noMbhishobhi Vincent Matthews wase-USA wabona umsebenzi wami wahlabeka umxhwele. Nguye ongixhumanise noBlake ongimemile,” kusho uSibiya.
Njengoba ebuye axhase abafundi ngomfaniswano wesikole abafunele nemifundaze uthe uzofike acele uxhaso phesheya. Ngaphandle kokwethamela ingqungquthela yentsha, uzophinde abe kwi-Awakening Tour okuwumzungezo wamadolobha angu-12 e-USA. Uzophelezelwa nguMnuz Mduduzi Mtakathi anaye enhlanganweni yakhe.
Yize uSibiya esezinze eGoli uthe akakhohliwe yiKwaZulu-Natal ngoba kulo nyaka uzothatha abafundi ababili abazophasa kahle abafunele umfundaze. Ngonyaka odlule ubeqokwe kwiSA Men of the Year Awards ebihlelwe umnyango wezokuthuthukiswa komphakathi. USibiya oqede * -matric ngo-2010, uneziqu zeJournalism nezeMarketing and Business Management azithola eBirnam Business College. Wakhula uyise engamazi kwabuye kwashona unina nodadewabo ababili ngo-2012 nokwenze wadonsa kanzima empilweni. Wathutha oPhongolo wayohlala nobabekazi obemfundisa eGoli naye obuye waphelelwa umsebenzi. Yilezi zimo athe zimenze waphokophela ukusiza intsha ngoba naye udlule ebunzimeni. Uzoya e-USA ngoJulayi 27 kodwa ingqungquthela amenywe kuyo iqala ngoJulayi 31.