UKHUTHAZWE ngamalungu omphakathi abewasiza ngezindlela ezahlukene ukuba angenele ukhetho lokuchibiyela ngoLwesithathu kuwadi 11 eNewcastle, umelaphi wendabuko obuye abe ngusomabhizinisi.
UMnuz Phumlani Dlamini, odume ngelikaMngcwabo uyahlehla, uzongenela ukhetho lokuchibiyela ezimele, okokuqala ngqa. Phambilini iwadi ibisezandleni ze-ANC.
UDlamini waziwa kakhulu ngezinhlelo zokuthuthukisa umphakathi ajwayele ukuba nazo kule ndawo.
"Ngithathe isinqumo sokuthi ngibahloniphe abantu uma bethi angilungenele ukhetho lokuba yikhansela lakule ndawo.''
UDlamini usanda kunikezela ngosizo lwezincwadi zokushayela kubantu abasha bakule ndawo abangu-100.
Minyaka yonke ngoJanuwari, unikezela ngemali yokubhalisela ukufunda emanyuvesi kubafundi abangu-50 bakule ndawo. Ngonyaka owedlule unikezele ngosizo lwama-ambulensi amabili esikhungweni sabaphila nokukhubazeka eNanda.
Imisebenzi yakhe aseyenzele umphakathi uthi ukholwa ukuthi yiyona kanye emkhulumelayo ebantwini. Ujwayele ukuba nemicimbi yokunikela ngamagilosa okudla kogogo, nomkhulu bakule ndawo.
"Ngiyazethemba kakhulu ukuthi kukhona okuhle okuzovela kulolu khetho.“
Uthembise ukuthi kuningi kakhulu okuhle angakwenzela umphakathi wakuwadi 11, uma engathola ithuba lokuba yikhansela.
Uthe izinto abezenzela umphakathi bekungenxa yothando olujulile lwabantu hhayi ngoba ubehlose ukucathamela isikhundla esithile.
“Abantu yibona ababona ukuthi izinto zingaba ngcono kakhulu uma kungangena mina. Kodwa-ke ngiyathemba ukuthi njengoba benginxenxile, ngeke balenze iphutha lokungidumaza.”