OWADUMA ngokuhaya izinkondlo ezigxeka uhulumeni wangesikhathi sobandlululo, uMzwakhe Mbuli, uphumele obala wagxeka ukusebenzisana kwe-ANC ne-DA ukubumba uhulumeni wobumbano.
Ukungabikhona kweqembu elinqoba ukhetho ngoqekelele kuzwelonke, okungokokuqala emlandweni selokhu kwangenwa kuhulumeni wentando yeningi, kuholele ekutheni i-ANC ethole izihlalo eziningi ephalamende likazwelonke imemezele uhulumeni obunjwe ngamaqembu ahlukene, i-Government of National Unity, okusagqame kuwo i-ANC ne-DA.
Engxoxweni neSolezwe, uMbuli uthe okwenziwe yi-ANC, ukuqoka ukusebenzisana ne-DA ishiya ngaphandle amaqembu avotelwe yiningi labantu abansundu, kuwukubukela phansi amaqhawe afela ukuthi kukhululwe leli zwe.
“Ngizokhuluma ngokungesabi ngoba vele nangesikhathi sobandlululo kunzima kodwa ngakhuluma ngigxeka uhulumeni wangaleso sikhathi. Okwenziwa yi-ANC, ukubumba uhulumeni ne-DA, wukwenza abantu iziwula. Uma i-ANC isiwuhulumeni ne-DA, isazoyikhuluma kanjani indaba yokubuyiswa komhlaba nomnotho ebantwini? Kungabe lokhu kusho ukuguquko kwezimiso zayo ezafelwa amaqhawe omzabalazo efela lomhlaba ezandleni ze-DA iseyi-National Party, okuyimanje umhlaba nomnotho usasezandleni zabamhlophe?“ kubuza uMbuli.
Kuqubuke umsindo enkundleni yezokuxhumana i-X emva kokusabalala kwezwi lakhe eliqoshiwe ehaya inkondlo egxeka lolu bumbano, abanye bethi akusilo izwi lakhe. UMbuli ukuqinisekisile ukuthi nguye kanye kanti inkondlo yakhe enesihloko esithi: I wish the dead could rise, ubalula kuyo amaqhawe amaningi athi afela ize njengoba konke ayekulwela kubukeka kucwila kuhulumeni we-ANC nowobumbano okuthiwa amaqembu avumelane ngawo emva kwemiphumela yokhetho lwangenyanga edlule.