OMUNYE wabefundisi osemnkantshubovu evangelini welinye lamabandla amadala, i-African Gospel Church (AGC) usezwakalise isifiso sakhe esijulile sokuqeda amaqembuqembu kuleli bandla.
UMbhishobhi Petros Zimu ungomunye wezingwevu ezindala zaleli bandla.
UZimu ukhuluma kanjena nje yingoba uhlangothi lwakhe luzokuba nengqungquthela enkulu ezokube iseFascadale Mission, ePort Shepstone.
Uveze ukuthi le ngqungquthela izoqala noJulayi 21 ize isongwe ngomhlaka-24.
Uthe kuningi kakhulu okuzobhungwa ngakho kuyona wathi okunye kwakho kuzophinde kube ukubaluleka kokuba kwenziwe okuthile ukuze leli bandla libuyisane.
"Iqiniso ukuthi kumqoka ngempela manje ukubona leli bandla libuyisana. Ngikholwa ukuthi nakanjani lokho kungenzeka,'' usho kanje.
Leli bandla lihlukene ngokwamaqembu amane abizwa ngamagama abaholi bawo.
Kukhona iZimu Group, iGigaba Group, iMbili Group neShezi Group.
"Ukukhuluma iqiniso nje, mina njengoMbhishobhi uZimu ngikhathazekile kakhulu ngale nhlukano. Ngifisa ukubona wonke lawa maqembu ebuyisana,'' usho kanje.
Uthe ukholwa ukuthi kuningi okuhle okungavela uma leli bandla lingaqala phansi libumbane libe yimbumba.
Ebuzwa uZimu ukuthi kanti konakalaphi kuze kube nenhlukano, uthe naye akukho angakukhomba ukuthi kwaba wumnyombo wale ngwadla ibandla elizithola libhekene nayo manje.
Uthe kodwa ukholwa ukuthi kusengahlalwa phansi kulungiswe izinkinga maqede kube nenqubekela phambili.
Abaholi abazobe beshiyelana inkundla ngezintshumayelo kubalwa kubo uMfu Ndaba, Mfu Mkhwanazi, Mfu F Mzimela, Mfu B Shangase, Mfu Zuma, Mfu Mthiyane naye uMbhishobhi Zimu.