USEXOLISILE kubantu baseThekwini obeyiphini lemeya yeTheku, uMnuz Philani Mavundla, ngokubuyisela i-ANC emandleni okuphatha lo mkhandlu ngemuva kokhishwa kwayo ngevoti okhethweni lwamakhansela ngoNovemba 2021.
I-ANC yahluleka ukuthola amavoti angaphezu kuka-50% ayezokwenza iqhubeke iphathe lo mkhandlu ngaphandle kokubambisana namanye amaqembu.
Kwaba yiqembu likaMavundla, i-Abantu Batho Congress (ABC), namanye amaqembu amancane ahlangana ne-ANC ayibuyisela emandleni.
UKhongolose wabonga uMavundla ngesikhundla sephini lemeya nesokuba ngusihlalo wekomiti elengamele ukuhlaliswa kwabantu nengqalasizinda. Kodwa ngoDisemba nyakenye i-ANC imlahlise okwenyongo yenyathi uMavundla.
Esithangamini sabezindaba eCity Hall, eThekwini, izolo uMavundla uphumele obala okokuqala wathi kwaba yiphutha akwenza ukuthi alale ngangubonye ne-ANC.
“Bantu baseThekwini nganiholela oPhathe. Ukube sayisusa i-ANC ngo-2021 mhlawumbe ngabe asibhekene nezinkinga ezikhona njengamanje. Silapha sikhona manje yimina, ngiyavuma ngenza iphutha elikhulu kunawo wonke esengike ngawenza emlandweni wami wezepolitiki,” kusho uMavundla.
Lo mholi, oneminyaka engu-57, uthe bengamaqembu amancane bathatha isinqumo sokweseka i-ANC befaka umfutho ngethemba lokuthi izobalalela futhi yeseke nemibono yabo yokuthi kumele uphathwe kanjani umkhandlu.
“Kusezandleni zabantu baseThekwini ukuthi kube yibona abathatha isinqumo sokuthi wubani okumele ahole lo mkhandlu okhethweni oluzayo. Kunina nonke bantu baseThekwini ngithi yobe, engakwenza kwaba yiphutha,” kusho uMavundla.
Izolo uMavundla umemezele ukuthi ujoyina i-ActionSA odabeni lwasenkantolo lokuphoqa umasipala ukuthi ulungise ingqalasizinda yokuthuthwa kwendle eyacekeleka phansi ngezikhukhula nyakenye.
Lolu daba kulindeleke ukuthi lulalelwe eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoMsombuluko (Febhuwari 27).
Umholi wekhokhasi ye-ActionSA eThekwini, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe bayakujabulela ukujoyinwa nguMavundla enkantolo, wanxenxa nabaholi bamanye amaqembu benze okufanayo.
UMncwango uthe basichithile isicelo sikahulumeni kazwelonke sokuthi lubhungwe ngaphandle kwenkantolo lolu daba.
“Sifuna inkantolo ikhiphe isinqumo esizophoqa uMasipala weTheku ukuthi ulungise ingqalasizinda yokuthuthwa kwendle eyacekelwa phansi yizikhukhula. Uma kuxoxiswana kuzogcina ngezibophezelo kuphela, ngeke kube nento ezophoqa umkhandlu ukuthi wenze okufanele,” kusho uMncwango.
Esitimendeni uMasipala waseThekwini uthe uyazi ngesinyathelo esesithathwe yila maqembu amabili sokuwuyisa enkantolo.
Lo mkhandlu uthe ithimba labameli bawo limatasa lilungisa amaphepha elizophikisa ngawo enkantolo futhi uyaqhubeka nomsebenzi wokulungisa ingqalasizinda eyacekeleka phansi.
UMavundla uthe wabika ebuholini bezinhlaka ezintathu zikahulumeni waze wabamba umhlangano owadonsa ihora noMengameli Cyril Ramaphosa emchazela ngezinkinga zengqalasizinda eThekwini kodwa akukho lutho okwenziwa.
“ITheku linezindawo ezihluza indle ezingu-27, ezingu-17 kuzo indaba yazo iphelile, indle ingena ngenhla iphume ngezansi. Kulesi sibalo izikhungo ezingu-14 azinazo izimvume (amalayisensi) okuthi zisebenze. Enye indle igelezela ngisho echwebeni lolwandle,” kusho uMavundla.