UMENGAMELI we-Abantu Batho Congress (ABC) oyiMeya yaseMvoti, uMnuz Philani “PG” Mavundla, uthi ayikho indaba yokuxoshwa kwakhe futhi labo abamemezele lokhu abanabo ubulungu beqembu. UMavundla, owaziwa ngokuba yimpunyela, ubhalele abezindaba echaza emuva kokuthi abazibiza ngekomiti lobugwegwe bememezele ukuxoshwa kwakhe.
UMavundla, owaduma kakhulu kwi-ANC, uke wajoyina iNFP washiya wase evula iqembu lakhe agcina engena ngalo kuMasipala weTheku waba yiphini lemeya. Nakhona ugcine ephuma kabi kuphela ubudlelwano beqembu lakhe ne-ANC.
Isolezwe izolo libike ngesinqumo sokuxosha uMavundla emuva kokuthi lithole umbiko obusabalele othi ulahlwe amacala okungaziphathi kahle. Ngaphambi kwalokho kwaba nesithangami sabezindaba lapho okwakumenyezelwe khona ngokumiswa kwakhe.
Uthe kuneqeqebana elizenza ikomiti lobugwegwe elibhebhezela izindaba ezingekho ngaye.
“Isigungu esiphezulu sibe nomhlangano saqinisekisa ukuthi lilodwa ikomiti eliqondisa ubugwegwe. Isigungu esiphezulu siqinisekise ukuthi akukho cala elethwese umengameli futhi alikho ikomiti elinamandla okuxosha umengameli,’’ kusho uMavundla.
Uthe laba abazenza ikomiti lokuqondisa lobugwegwe bafakwe enkantolo efike yathi udaba aluphuthumi futhi sekulindwe usuku lapho udaba luzongena khona. Uthe leli qeqebana lenza sengathi alazi ukuthi kunodaba enkantolo.
“Siyafisa futhi ukugcizelela nokuthi abantu abane kulaba abanabo ubulungu beqembu futhi abanawo amagatsha, sinobufakazi obuqanda ikhanda ngalokho kodwa sihlonipha inkantolo. Siyacela abezindaba bame ukusabalalisa inzwabethi ekubeni sibatshela iqiniso,’’ kusho uMavundla.
UMavundla kumanje uyiMeya eMvoti nokuyisikhundla ayeke wasiphatha phambilini lapho azakhela khona udumo ngokunqaba umholo wokuba yimeya.