UMASIPALA waseThekwini unqunyelwe ugwayi katiki yinkantolo ukuba uchaze ukuthi kungani washaya indiva umyalelo wayo wokuba ifake amaphepha aphikisa isicelo seDA sokufuna inkantolo iphoqe umkhandlu udalule uhlelo lokulungisa amapayipi endle avuzayo okuthiwa angcolisa ulwandle.
INhloko yamaJaji KwaZulu-Natal, iJaji Thoba Poyo-Dlwati, iyalele umasipala ukuba uchaze ukuthi kungani wehlulekile ukulandela umyalelo ewukhiphe ngonyaka owedlule.
UJaji Poyo-Dlwati wayekade eyalele umasipala ukuba ufake onke amaphepha aphikisa isicelo seDA ngoJanuwari 15.
Isolezwe libone incwadi ebhalwe uJaji Poyo-Dlwati, ekhombisa ukuthi umasipala awuzange uhlangabezane nomnqamulajuqu obubekelwe wona.
“Niyalelwa ukuba nilethe incazelo yokuthi kungani nihlulekile ukuhlangabezana nomyalelo owakhishwa yinkantolo ngoMeyi 2023 nowangoDisemba 2023. Incazelo kufanele niyilethe ungakashayi uMashi 8.”
Icala lafakwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu ngonyaka owedlule kulandela ukuvalwa kwamabhishi amaningi eThekwini ngenxa yokungcola kolwandle.
I-DA ifuna ukuba inkantolo iphoqe umasipala ukuba uqhamuke nohlelo ozolusebenzisa ukulungisa amapayipi endle.
Kusukela icala lafakwa, iDA ibilokhu ikhala ngokuthi izikhulu zomkhandlu zizama ukubambezela ukuqulwa kwalo.
USihlalo weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Dean Macpherson, uthe kubajabulisile ukuthi inkantolo inqumele umasipala ugwayi katiki.
“Akekho obengacabanga ukuthi umasipala ungashaya indiva inkantolo ngale ndlela. Lo masipala awugcini kuphela ngokushaya indiva inkantolo kepha nabantu abahlala ezindaweni ezingaphansi kwawo ukhombisa ukungabakhathaleli. Sekuphele unyaka safaka icala. Izikhulu zomkhandlu zenza ngakho konke okusemandleni azo ukubalekela leli cala.
“Njengoba izikhulu zikamasipala ziqhubeka nokudlala umacashelana, amabhishi avaliwe, indle igcwele imigwaqo. Njengobuholi beDA sizoqhubeka nokulwela ukuthi leli cala lilalelwe ngokushesha. Sifuna kube nesixazululo sasenkantolo esizobophezela umasipala ukuba ubhekane nale nkinga yamapayipi endle.”
UJaji Poyo-Dlwati uphinde wakhipha eminye imiyalelo yokuba bonke abathinteka ecaleni bafake amanye amaphepha ahambisana nalo.
Usuku lokugcina olubekelwe uMasipala waseThekwini ukuba ufake amaphepha awo uMashi 25.
UJaji Poyo-Dlwati uthe kuzokuba nomhlangano wazo zonke izinhlaka ezithintekayo ecaleni ngo-Ephreli 16 lapho kuzokwenziwa amalungiselelo ecala.
Leli akusilo elokuqala lapho khona uMasipala waseThekwini ufakwe enkantolo ngodaba oluthinta ukungalungiswa kwamapayipi endle.
Kunecala eliqhubeka eNkantolo eNkulu eThekwini, elifakwe amaqembu ezepolitiki afana ne-ActionSA ne-ABC, nawo afuna ukuba umasipala uphoqwe ukuthi ulungise amapayipi endle.