IPHINI likamengameli, uMnuz Paul Mashatile, ligqugquzele ukwakhiwa kwamadolobha esimanjemanje.
UMashatile uthe uhulumeni wentando yabantu kufanele uqinise ekwakheni amadolobha anazo zonke izidingo, ahlukile kulawo ayakhiwa uhulumeni wobandlululo.
Ukusho lokhu ngesikhathi eqala uhambo lwakhe lwezinsuku ezimbili lwasesifundazweni iKwaZulu-Natal, aluqale izolo.
Lolu hambo uluqale eThekwini, wabe eseya eMgungundlovu.
Phakathi kwezindawo azivakashelile izolo kubalwa nendawo eseNtshongweni, lapho kuzokwakhiwa idolobha lesimanje.
Leli dolobha lizokuba nezitolo, izindawo zokuhlala, izindawo zokungcebeleka nokunye.
UMashatile uwushayele ihlombe uhulumeni waKwaZulu-Natal ngokuvula indlela ekwakheni idolobha laloluhlobo, wathi nezinye izifundazweni kufanele zibukele kulesi sifundazwe.
“Masakheni amadolobha ethu amasha, lapho abantu bezosebenza baphinde bahlale kuwona.”
UMashatile uthembise ukuthi uhulumeni kazwelonke uzowulekelela uhulumeni waKwaZulu-Natal ekwakhiweni kwamadolobha esimanje.
“Konke okushodayo, (kufana nokuthi) sekulungile. Ngeke sifike la bese sithi sizobona, noma sithi sizozama. Sizokwenza okufunekayo. Asigcini nje ngokukhuluma njengoba kuhlezi kukhona abathi sikhuluma kakhulu. Sizobonakala sihamba phansi, senza isiqiniseko sokuthi senza umehluko Lolu hlelo kufanele lube impumelelo. Ukuze lolu hlelo luphumelele, uhulumeni kazwelonke kufanele ube ingxenye yalo, ungagcini ngokubuka.
“Angisho ukuthi sinemali eningi njengohulumeni kazwelonke, ningangizwa kabi kodwa lokho okuncane sizokufaka. Sizofaka ngoba sifuna ukuthi lolu hlelo lube impumelelo. Uma sibuya sifuna kube nedolobha lesimanje elisha lapha KwaZulu-Natal.”
UMashatile uphinde wahambela esikhungweni esiqeqesha abalimi, iCedara, eseMgungundlovu, lapho ehlangane khona nabalimi abasafufusa.
UMashatile usincomile lesi sikhungo ngokukhiqiza ukudla, wathi sidlala indima enkulu ekutheni izwe lingaphelelwa ukudla.
Phakathi kwezikhalo zabalimi bakhale ngomthelela wokucishwa kukagesi kanye nokunqamuka kwamanzi.
UMashatile uthe uhulumeni kazwelonke wenza konke okusemandleni ukuqeda ukucishwa kukagesi.
“Ngaphandle kokuqasha ungqongqoshe kagesi, simemezele ukuthi siphezu kwezinhlelo zokuthenga ugesi oqhamuka kwezinye izindawo. Siphinde sigqugquzele nabantu ukuthi basebenzise izinto ezifana nama-solar.”
Ungqongqoshe wezoLimo, uNkk Thoko Didiza, uthe umnyango ususungule ithimba elizosebenzisana nabalimi ukwenza isiqiniseko sokuthi ukucishwa kukagesi akuphazamisi ezolimi.
“Enye yezinto esiyilwelayo ile yokuthi abalimi bangacishelwa ugesi ngezikhathi zokuchelela.”
Namhlanje uMashatile uzosonga uhambo lwakhe eMgungundlovu lapho ezohambela khona isikhungo samakhono, uMgungundlovu Tvet College.