UNGQONGQOSHE wezaMandla nokuMbiwa phansi, uMnuz Gwede Mantashe, uthi obeyisikhulu esiphezulu e-Eskom uMnuz Andre de Ruyter kumele agagule igama likangqongqoshe onenkohlakalo ayeke ukumpumputha.
UMantashe ubevele phambi kwekomiti lasePhalamende, lapho okudingidwe ngezinsolo zikaDe Ruyter, azidalule ngesikhathi enengxoxo ekhethekile ne-eNCA.
Izinsolo zakhe zishiye abaningi bekhexile, bezibuza ukuthi ngabe yiqiniso yini ukuthi i-Eskom iyinkomazi esengwayo uma kufuneka imali?
UDe Ruyter uthe kukhona ungqongqoshe onenkohlalo futhi i-ANC ibibuye izitapele emalini ye-Eskom. Emuva kwezinsolo ezenziwe nguDe Ruyter, bamdedelile enkontilekeni yakhe yize isikhathi abezogcina ngaso emsebenzini besingakafiki. Usanda kumemezela ukwesula kwakhe emsebenzini emuva kokuqonga kwengcindezi ngoba kunenkinga kagesi.
UMantashe uthe izinsolo zikaDe Ruyter zifana nokuthi ujikijela itshe ehlathini ngethemba lokuthi kuzophuma inyamazane. Kukhala uMantashe nje, kade kusanda kukhala uNobhala-Jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, ethi uDe Ruyter kwakufanele ayobika udaba emaphoyiseni uma eqinisile ngakushoyo.
Khonamanjalo isikhulu sezimali e-Eskom, uMnuz Calib Cassim, uqokwe ukuthi abambe njengesikhulu esiphezulu ngesikhathi kusaqhubeka uhlelo lokuqasha kabusha.