Owesifazane waseThekwini ufuna ubulunigiswa ngemuva kwezinsolo zokuthi indodakazi yakhe enonyaka idlwengulwe esikhungweni esigada izingane emini eNewlands East, eThekwini.
Njengamanje kusolwa umyeni womnikazi walesi sikhungo ngalesi sigameko.
Kuthiwa isigameko senzeke ngesikhathi ezinye izingane esikhungweni zithathwe zayofundiswa ukubhukuda, ingane yasala ngoba ingakafundiswa ukuziyela endlini encane.
Ekhuluma nephephandaba elinguzakwabo neSolezwe, i-IOL, lona wesifazane, uthe amaphoyisa awakambophi umsolwa yize evule ecala.
Uveze nokuthi kunabanye asebephumele obala ngezinsolo ezifanayo.
Ngokwalona wesifazane ongeke adalulwe ukuze kuvikelwe ingane, ubone ingane ivuvukele futhi ibomvu ngasesithweni sayo sangasese ngesikhathi eyigeza.
“Uthe isitho sakhe sangasese sibuhlungu ngase ngicabanga ukuthi uqubulwa yinabukeni ngoba linakho ukumenza njalo. Ngesikhathi sengimgeza ngihlolile ngabona ukuthi isitho sakhe sivuvukele futhi sibomvu.
“Bekunokusikeka, ngase ngimuyisa esibhedlela. Udokotela uthe yigciwane ngangenama ngalokho. Ngimuse komunye udokotela wathi ubona sengathi kunezinkomba zokuhlukumezeka,” kusho lona wesifazane.
Uthe ube esefonelwa ngamaphoyisa aseNewlands East emcela ukuthi afike esiteshini.
“Ngifake ezinkundleni zokuxhumana ngesigameko ngase ngiya esiteshini samaphoyisa. Ngiye esiteshini, usonhlalakahle wakhuluma nami. ”Ngitshelwe ukuthi bazongibopha bathathe ingane yami ngoba angenzanga izinto ngendlela efanele,” esho.
Uthe uhambise ingane esibhedlela iMahatma Ghandhi lapho udokotela ethe idlwenguliwe.
I-IOL iwabonile amaphepha kadokotela axoxa indaba eshaqisayo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uThenjiswa Ngcobo ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala.
“Amaphoyisa aseNewlands East avule icala lokudlwengulwa ngemuva kwesigameko lapho ingane yentombazane enonyaka, kusolwa ukuthi idlwengulwe ngoMsombuluko, ngoMeyi 6.”
Uthe kusaphenywa.