KUPHUPHUMA injabulo nothando luvutha bhe kumlandeli wezemidlalo wokuqina kuleli, uMama Joy Chauke. Le ntokazi ilokhu izinameke njalo izithombe inesoka layo eyalithola eFrance esilethe igama likaPapa Joy.
Naye uPapa Joy kucacile ukuthi uzitholele umakoti ngempela kule ntokazi njengoba eseyethule nasemndenini wakhe. Ezithombeni azinamekile kuvela nalapho uMama Joy esekhishini nomamezala wakhe.
Uveze ukuthi uninazala umamukele ngenhle indandatho yegolide, okusho ukuthi "uyamamukela njengomakoti kaPapa Joy“.
Useqede nokuqagela kubantu abebezibuza beziphendula ukuthi uhanjiswe wubani ukuya eFrance, njengoba kunemidlalo yama-Olympic.
“Zonke izindleko zokuya eParis zikhokhelwe wuPapa Joy... uthando luyavutha bhe,” kusho uMama Joy kweminye yemibhalo ayinameke kwi-X.
Ekuqaleni kwaleli sonto, uMama Joy ufake izithombe ekhasini lakhe khona kwi-X, zihambisana nombhalo obuthi “ngisendleleni ngiya eFrance”.
Abanye abantu bebezibuza ukuthi ngabe wubani okhokhele izindleko zohambo lwakhe, ikakhulu ngoba kuyaziwa ukuthi uNgqongqoshe omusha wezeMidlalo kuleli, uGayton McKenzie usanda kuvala ukukhokhela izindleko zabalandeli bezemidlalo abahambela imidlalo esuke idlalelwa kwamanye amazwe, ekhala ngokuthi kumoshwa imali engabe isiza kwezinye izinto.
Kweminye yemibhalo yakhe, uMama Joy uthe: “Ngiyabonga kakhulu ngothando lwakho Papa Joy. Emva kokuba sematheni eNingizimu Afrika, bengiludinga lolu hambo lokuya eFrance.”
Uthe njengamanje uwumlandeli oqavile kaPapa Joy olokhu embusisa njalo ngezidlo ezimnandi, emtetemukisa nasezindaweni ezinezinto ezikhala kahle.
Kwesinye sezithombe kuvela isipho asithengelwe yisoka lakhe, futhi ufake kaningi izithombe lapho eshuthe khona nalo behambela izindawo ezehlukene kwelinye lamadolobha aseFrance, iLille.
Ufake nama-vidieo enomamezala wakhe kubonakala ukuthi kujatshulwe. Nendandatho athe wamukelwe ngayo emzini, uyivezile kwezinye zezithombe. Ukugcizelele nokuthi indandatho isho ukuthi kuzokikizwa maduze eFrance naseNingizimu Afrika.