KHETHA SANGWENI
INHLANGANO ebheka imiphumela kamatric Umalusi, ithi igculisekile ngesimo sezikhungo okuzobhalelwa kuzo izivivinyo zalo nyaka. Kulindeleke ukuthi kuqale ukubhalwa kwezivivinyo zikamatric ngo-Okthoba 30 kuze kugcine ngoDisemba 6 nonyaka.
Esitatimendeni senhlangano esithunyelwe abezindaba, ithe bazihlole zonke izikhungo zokubhala futhi bagculiseka ukuthi zisesimeni esifanele. Umalusi uthe lapho abanezikhalo khona kube yizinto ezincane nje ezingeke zibeke engcupheni ukubhala nemiphumela. Bathe izikhalo zabo bazedlulisele ezikhulwini ezifanele.
Bathe ababheki izikhungo zikahulumeni kuphela kodwa nalezo ezizimele bayazibheka futhi bathole ukuthi konke kuhamba kahle, nakhona kube amathizethize amancane angatheni azolungiswa maduze nje. Umalusi uthe uzibhekile nezinye izinto ezingase zibeke engcupheni ukubhala.
“Kunezimo ezifana nenkinga kagesi, ukukopela, nemibhikisho yomphakathi. Maqondana nokucima kukagesi, sicele zonke izikhungo ukuthi zenze imizamo yokuthola izinsiza ezisebenza uma kucime ugesi. Sixwayisa abafundi nothisha ngesilingo sokukopela ngoba akuvumelekile. Sicela nomphakathi ungasebenzisi ukubhalwa kwezivivinyo njengento yokulwa, ukuqinisa imibhikisho yabo,’’ kweluleka Umalusi.
Umalusi ugcizelele ukuthi ezokuphepha zizoqina kakhulu ekugadeni amaphepha okubhala ukuze angaputshukeli ezandleni ezingafanele. Kulindeleke ukuthi Umalusi wenze isimemezelo ngemiphumela kamatric ngoJanuwari 15, 2024.