UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema, uzokotha iSilo uMisuzulu kaZwelithini ohambweni lwakhe lokukhankasa esifundazweni KwaZulu-Natal. UMalema kule mpelasonto uzobe enkanise KwaZulu-Natal egaya amavoti njengoba kulungiselelwa ukhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo.
Osopolitiki sebevamile ukuthutheleka kusona iSilo beyokotha kanti nakuleso esakhothama babefika bededelana bakhuleke ngemihlambi yezinkomo.
I-EFF imemezele ukuthi uMalema, uzokhuluma namalungu eqembu ngeSonto e-Olympia Hall Royal Showgrounds eMgungundlovu. Bathe baphuma umkhankaso ngoba bazimisele ukunqoba ukhetho ngonyaka ozayo futhi bazobe bezocija amalungu eMgungundlovu ukuthi ame ngomumo.
Bathe lowo mcimbi kulindeleke ukuthi uqale ngo-12 emini lapho ezobe ezocija khona izinhlaka ngodaba lokhetho. Emuva kwalokho uzodlulisa usuku olulodwa bese ngoLwesibili eyokotha iSilo uMisuzulu kaZwelithi esigodlweni KwaNkomonye oLundi. I-EFF ithe ukuhambela kwayo esigodlweni kuyingxenye yokuqhakambisa ukubaluleka namandla esizwe sikaZulu.
Bathe baqhakambisa nobumqoka bobuholi bendabuko emlandweni nasekwakheni ikusasa lezwe. UMalema kulindeleke ukuthi abonane neMbube ngo-12 emini esigodlweni sayo.
Kwenzeka lokhu nje, i-IFP kade isanda kotha uBayede esiShayamthetho esidala oLundi.