UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, ukhathazwa wudlame lwezepolitiki olungaqubuka KwaZulu-Natal njengoba sekuneqembu elisha lezepolitiki elikhankaselwa owayengumengameli, uJacob Zuma, uMkhonto weSizwe.
UMalema uthe zivele sezikhona izinkomba zokuthi kungase kube nodlame njengoba kubonakale amavidiyo amalungu e-ANC exakazisana namalungu oMkhonto weSizwe ngesikhathi kuqhubeka ukhetho lokuchibiyela kuMasipala wasoPhongolo.
Lokhu ukusho ekhuluma nabezindaba lapho ebekhuluma khona ngomcimbi wokwethula umbhalo wezethembiso we-EFF obuseThekwini.
UMalema uthe iKwaZulu-Natal iyaziwa ngodlame lwezepolitiki, kufanele kuthathwe izinyathelo ezizonqanda ukuqubuka kodlame.
“UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, Lt Gen Nhlanhla Mkhwanazi, kufanele alusukumele lolu daba. Njengoba sesiqalile nje sibona abantu belwa, kusho ukuthi kukhulu okungenzeka.”
UMalema uthe naye useke waba yisisulu sodlame lwezepolitiki KwaZulu-Natal.
“Kunezikhathi lapho kuke kwaba khona abantu abazama ukungivimba ukuba ngingangeni ezikhungweni zokuvota. Kwenye indawo ngake ngavinjwa yindoda endala eyayiphethe ikani lotshwala, yathi ngeke ngingene esikhungweni sokuvota. Ngayitshela ukuthi ngeke ngihambe ngingangenile esikhungweni sokuvota.”
UMalema uthe kwaba nemizamo yokuphazamisa umcimbi we-EFF wokwethula kohlu lwezethembiso.
“Miningi imizamo eyenziwa ngabantu abakhombisa ukucwasa ngokobuhlanga. Siyakugxeka kakhulu ukucwasa ngokobuhlanga.”
UMalema uphinde wanxusa umengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, ukuba amemezele usuku lokhetho.
“Njengoba sesiwethulile umqulu wezethembiso, sekufanele engabe sesiyaqala sifaka izingqwembe zasemgwaqweni ezinxenxa abantu ukuthi bavote.
Lezi ngqwembe kufanele zibe nosuku lokhetho. Manje-ke asikwazi ukuzifaka, usuku lokhetho singakalwazi.”
UMalema wenze izinsolo zokuthi uRamaphosa ubambezela ngamabomu ukumemezela usuku lokhetho ngoba uyesaba ukuthi i-ANC izohlulwa okhethweni.
“Uma ubheka ngo-2019 uRamaphosa wamemezela usuku lokhetho ngesikhathi ethula inkulumo ayeyibhekise esizweni. Yini emvimbile ukuthi amemezele usuku lokhetho ngesikhathi ethula inkulumo ayibhekise esizweni ngesonto eledlule?
“Umehluko wukuthi ngo-2019 wayesenedumela. Wayezethemba futhi engakungabazi ukuthi i-ANC izolunqoba ukhetho. Kulo nyaka izinto zijikile. Uyabona ukuthi akuzi kahle. Yingakho ezama ukubambezela. Mhlawumbe ukhetho uzolukhomba ku-Agasti.”