UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthe badele konke abanakho bafuna isifundazwe i-KZN, sebejube nePhini likaMengameli uMnuz Floyd Shivambu, ukuthi lizinze khona. UMalema ubeyokotha iSilo eSishayamthetho esidala oLundi wakhuleka ngezinkomo ezinhlanu.
UMalema uthe into enhle ngokwethula isipho endlunkulu wukuthi iSilo siyakwazi ukudla nabanye abantu abantulayo emphakathi. Uthe iMbube ifana nobaba wawowonke umuntu wendawo.
Kwenzeka konke lokhu nje, izwe libheke okhethweni lukazwelonke oluzoba ngonyaka ozayo. UMalema usevele uphume umkhankaso uhamba ecela amavoti. Utheleke ngezikhathi zasemini ebukeka ekhululekile, eshaya amancoko nabaholi beqembu.
Ubehamba nethimba lobuholi beqembu kuzwelonke, isifundazwe nezifunda. UMalema nethimba lakhe bavalelana neSilo emhlanganweni omude abezindaba abangavunyelwanga ukuwuthamela. Sebephuma lapho, bethule izinkomo ebezilethwe ngeloli elikhulu.
ISilo asishongo lutho kwabezindaba kodwa sicele uMntwana uVanana Zulu, wendlu yaKwaMinyamazi ukuba adlulise umyalezo waso. UMntwana uVanana uthe iSilo siyabemukela abe-EFF njengawowonke amaqembu afika ezokotha.
“Iqembu i-EFF aliqali ukufika kodwa lafika nangesikhathi seSilo esidala. Siyabonga ukuthi afike uMalema azokhonza njengokwesintu. Ingonyama iyamemukela ngezandla ezimhlophe,’’ kusho uMntwana uVanana.
UMalema ephawula kwabezindaba, uthe bebezozethula kuBayede ngoba bazoke bagxile esifundazweni besebenza indaba yamavoti. UMalema uthe bemukeleke kahle kakhulu iSilo sabafisela okuhle.
Umholi @EFF uMnuz #JuliusMalema ufike neloli yimhlambi wamaguqa azokhuleka ngawo ebonana neSilo uMisuzulu kaZwelithini 🎥 Khetha Sangweni pic.twitter.com/GcCBRWGBLX
— Isolezwe News (@IsolezweNews) December 6, 2023
“IPhini likaMengameli uShivambu lihlala lapha esifundazweni, liyisakhamuzi sakhona ngokugcwele manje ngoba sifuna ukunqoba. Besizozethula phambi kweSilo, sakhe nobudlelwano ngokusemthethweni. Amakhosi nezinduna kufanele baziswe ngokusemthethweni, bangaxwayi uma esibona,’’ kusho uMalema.
Uthe kuzodilika umthangala ngoFebhuwari, ngoba bazokwethula umkhankaso wabo wokhetho kazwelonke ngokusemthethweni. UMalema uthe abaholi bomdabu bayingxenye ebalulekile emphakathini futhi baneqhaza elikhulu uma kukhulunywa ngenhlalakahle yabantu.
Kulindeleke ukuthi namuhla kufike i-DA izokotha iSilo kanti kusanda kufika i-IFP. I-ANC nayo ijwayele ukubonaka izokotha iSilo.