UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema, ufuna lube yiholidi usuku okwasocongwa ngalo abasebenzi basemayini ababetelekile eMarikana.
UMalema uthe lolu suku, okungu-Agasti 16, kufanele lube wusuku lwabasebenzi.
Ukusho lokhu ngesikhathi i-EFF inomcimbi wokukhumbula isigameko sango-2012 lapho khona amaphoyisa adubula abulala abasebenzi basemayini abangu-34.
Lo mcimbi obuseMarikana izolo, uyingxenye yemicimbi eyandulela umcimbi wokugubha iminyaka eyishumi kwasungulwa i-EFF, ozokuba ngoMgqibelo.
Usuku lwabasebenzi lugujwa ngoMeyi 1 kuleli kepha uMalema ukholelwa ekutheni lolu suku kufanele lugujwe ngo-Agasti 16 ukuhlonipha abasebenzi abaphangalala esibhicongweni saseMarikana.
“Lolu wusuku olubalulekile emlandweni wabasebenzi. Lolu wusuku lapho uhulumeni abulala abasebenzi ababelwela amalungelo abo yingakho sizokulwela ukuthi u-Agasti 16 ube yiholidi.”
UMalema uthe bazoqhubeka nokweseka imindeni yalabo abasocongwa kanye nalabo abasinda kulesi sigameko.
“Sizoqhubeka nokuxhasa abameli abamele imindeni yabasocongwa nabasinda. Abantu baseMarikana kufanele bathole ubulungiswa ngoba babulawa uhulumeni.
“NasePhalamende siyayilwa le mpi. Safike sawutshela uhulumeni we-ANC ukuthi ungababulali, basifaka enkantolo. Inkantolo yavumelana nathi.”
UMalema uthe bafuna ukuthi uMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, owayeyisikhulu esiphezulu emayini okwakuteleke kuyo abasebenzi ngaleso sikhathi, anxephezele abasebenzi.
UMalema uthe bafuna uRamaphosa akhiphe ephaketheni lakhe.
Izolo bekunedili likamkhipheni eMarikana njengoba i-EFF ibikhumbula lesi sigameko.
UMalema uthe bakhethe ukuhlaba izinkomo nokugaya utshwala ukuze bajabulise abasebenzi abaphangalala kulesiya sigameko.
“Siyinhlangano yama-Afrika, siyakholelwa ezintweni zesintu. Sihlabe izinkomo njengophawu lokubonga abangasekho. Lezi izinkomo zokubuyisa bonke abaphangalala kulesi sigameko. Lezi zinkomo sizihlabe ngoba nakhu sihlonipha labo abangasekho. Sinesiqiniseko sokuthi imimoya yabo izolala ngokuthula njengoba sesenze lo msebenzi.”
UMalema uthe i-EFF yasungulwa emva kokuthi becelwe ngabasinda esibhicongweni saseMarikana ukuba baqale iqembu lezepolitiki elisha.
“Sasingenanhloso yokusungula iqembu lezepolitiki. Seza lapha sazolalela abasebenzi emva kwesigameko. Ilapho-ke abasebenzi basinxusa ukuthi siqale iqembu lezepolitiki, bathi sebelahle ithemba eqenjini elibusayo.
“Kulapho-ke nathi esasabela khona ikhwelo labasebenzi. Sahamba saya kosungula i-EFF. Iyona-ke le EFF esikhule yaze yafika kuleli zinga esikulo namhlanje.”