UKHUNGATHEKILE umndeni ngemva kokuthi umakoti ebaleke nomfowabo kamkhwenyana ngosuku lomshado, eNquthu.
Ngokuthola komthombo weSolezwe Ngempelasonto, uNksz Gugu Ndlovu (33), obekumele abophe ifindo likasofasilahlane noMnuz Sifiso Mdletshe (44), ubaleke noMnuz Mphathiseni Mdletshe (48), ongumfowabo omdala kamkhwenyana.
Umthombo olazi ukusuka nokuhlala udaba uthi bobabili ababalekile bese kuphele isikhathi esingangonyaka "bentshontshana".
"Sibagcine ukubabona behlezi bobabili ngayizolo kumnandi nje kuxoxwa. Akekho owaziyo ukuthi ngempela bagcine bephelelephi. Empeleni, babaleke sekusele kulalwe kanye ngaphambi komshado,'' kuchaza umthombo.
Ebuzwa ngalokhu umkhwenyana osale encela izithupha, uphendula ngamafuphi wathi: "Bhuti hlukana nami phansi anginaso isikhathi sokuphawula ngabesifazane abahlushwa yimpene,'' washo wavala ucingo.
Iphephandaba limthintile ngakusasa waphendula ngokuthi, impilo yakhe iyaqhubeka wathi ufuna kubuye izinkomo zakhe kukhokhwe nemali ayikhiphe elungiselela umshado.
"Ngabe kungcono ukuba bengazi, lento ibilula kabi, ngosuku lomshado bekuzogudluka mina abese umfundisi eshadisa umfowethu ukuze kungeke kuchitheke imali yami, nabo ukuze bezokhokhela into abayaziyo,'' usho kanjena umkhwenyana.
Usonge ngokuthi liyoduma emini futhi umfana uyophenduka intombazane mhlazane wahlangana nomfowabo endleleni.
UNksz Ndlovu ethintwa akazange akhulume lutho umane wakhihla isililo ocingweni wase eyaluvala.
UMphathiseni (obaleke nomakoti womfowabo) ucele intatheli ukuba ingayibhali into engayazi ukuthi yenzeke kanjani futhi bekukade kwenzakaleni.
"Mina ngizokuxwayisa ngento eyodwa nje vo bhuti, ungayibhali into ongayazi. Kodwa uma ufuna ukuxakeka impilo yakhe yonke qhubeka ke nenkani,'' esho esongela intatheli.
Isolezwe Ngempelasonto litholile ukuthi sishubile kakhulu isimo phakathi komndeni wakwamakoti, nowakwamkhwenyana.
"Abakwamakoti bayazihlangula bathi abanacala kodwa umkhwenyana kumele abhekane nesigebengu esingumfowabo, esimbukanise nomphakathi,'' kuchaza umthombo.
Kuthiwa umkhwenyana nomfowabo omdala bayinkukhu nempaka kodwa akwaziwa ukuthi yini abayibangayo.