NKOSIKHONA CELE
KUXABANE umakoti nomkhwenyana kwebiwa izinkomo eziyishumi obekuzolotsholwa ngazo, nezitholakale kubo kamkhwenyana ngosuku olulandelayo eMzimkhulu eningizimu yeKwaZulu-Natal.
Umndeni walo wesifazane obezolotsholwa, ocele ukungadalulwa ngoba uvele usuphenduke inhlekisa, uthe njengamanje baxabene nomkhwenyana.
“Simangele ukuthi yini engenza ukuthi kwebiwe izinkomo bese zitholakala kubo ngakusasa...mdlalo muni kanti lo obudlalwa la,” kusho owesifazane othi uzizwa ehlazekile ngalesi senzo.
Ngokuthola kweSolezwe NgoMgqibelo, ngempelasonto edlule umndeni wakwaMathe ubujabule kukuhle kudelile kwazise abakwaVilakazi bebelethe izinkomo eziyishumi ezihamba ngezinyawo bezolobola. Kodwa ngosuku obekuzolotsholwa ngalo, lezi zinkomo zebiwe. Kuthe uma sekuphunywe inqina zatholakala kwaVilakazi.
Omunye umthombo osondelelene nale mindeni yomibili utshele leli phephandaba ukuthi kuxakile ukuthi bebezilethelani kanti uma bezozilanda.
“Kodwa sonke okusixakayo ukuthi pho yini edala ukuthi izinkomo bangazifihli zibonakale zihamba emagcekeni emini kwabha,’’ kuchaza umthombo.
Isolezwe NgoMgqibelo likhulume nomakoti obezolotsholwa obezwakala edumele futhi ekhathazekile. Ubengazimisele nhlobo ngokukhuluma nentatheli waze wayithambisa inhliziyo enxusa ukuthi angadalulwa.
“Mina le nto ingiphethe kabi kakhulu ngiyazibuza ngiyaziphendula ukuthi ngempela into enjena ingenzeka kanjani. Angazi ukuthi yini okumele ngiyicabange ngomkhwenyana wami kanjalo nangamalungu omndeni wakubo. Le nto ingishiya ngingazi ukuthi yikuphi okumele ngikwenze,’’ usho kanje.
Uveze ukuthi kuyimanje simuncu isimo phakathi kwakhe nesoka lakhe njengoba lizihlangula lithi nalo kalazi ukuthi izinkomo zilandwe wubani.
Uthe kuyimanje usephenduke inhlekisa endaweni ngokwenziwa isilima ngowesilisa athi ubemethemba futhi sekuphele iminyaka eyisikhombisa bethandana.
“UNkulunkulu yedwa owaziyo ukuthi kwenzekani, mina ngididekile. Uma kwakudaliwe ukuthi lo mshado uyoba khona akukho okuzovimba. Uma kumele uphele kuzophela nempilo iqhubeke,’’ usho kanje evala ucingo engazange avalelise.
Okhulumela umndeni wakwaMathe naye ocele ukungadalulwa uthe abathandi ukukhuluma ngalolu daba. Wathi bona abadli imbuya ngothi wathi abasoze balobola ngezinkomo baphinde bazilande. Uthe nabo badunguza ebumnyameni ngokuthi izinkomo zihambe kanjani zaze zabuyela emuva kubona.
“Phela le mindeni ayiqhelelene ngakho mina angazi ukuthi yini le edala ukuthi kube nokukhuluma okungaka ngoba kuyacaca ukuthi izinkomo zizihambele zona zazibuyelela ekhaya,”echaza.
Kuthe uma intatheli imbuza ukuthi kungani bengazange baziphindisele kubo kwamakoti, watshela intatheli ukuthi mayihlukane nokuzenza ungqeqe.
“Ungathola ukuthi njalo akukho nezinkomo kini njengoba ungibangela isicefe nje ngezinkomo ongakwazi nokuzelusa,’’ usho kanje.
Isolezwe NgoMgqibelo lingakuqinisekisa ukuthi izinkomo namanje azikabuyiselwa kubo kamakoti njengoba kusaxoxiswana ngomkhombandlela.
UMnuz Muzi Dlamini osemkhandlwini weNkosi obhekele ukwebiwa kwemfuyo kule ndawo, uthe okwamanje kusenzima ukuphawula ngalolu daba yize selufikile ezindlebeni zabo. Ugcizelele ukuthi ukwebiwa kwemfuyo kule ndawo akwethusi ngoba kuyinsakavukela.
Isolezwe NgoMgqibelo like lashicilela udaba olufuze lolu ngonyaka odlule. Nakhona kwebiwa izinkomo eziyishumi okwakulotsholwe ngazo.