USIHLALO we-ANC eGauteng, uMnuz Panyaza Lesufi, uxolisile emva kwenkulumo yakhe abaningi abayihumushe ngokuthi ubesongela kuyo uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele.
ULesufi uxolise emva kokuthi kusabalale i-video lapho khona ebezwakala ethi izinsuku zikangqongqoshe angazange ambize ngegama, zibaliwe.
Le video ithathwe ngesikhathi uLesufi ekhuluma kwingqungquthela yeSanco, ngempelasonto.
Kule nkulumo kuzwakala uLesufi ekhalaza ngokuthi kunongqongqoshe ongafuni ukugunyaza ukusebenza kwabaqaphi abazishaya samaphoyisa abaqashwe ngaphansi kohlelo lukahulumeni waseGauteng.
Laba baqaphi abazishaya samaphoyisa abangu-6 000 baqashwa uLesufi ngasekuqaleni kwalo nyaka, kanti kabanawo amaphepha abagunyaza ukuthi basebenze.
ULesufi utshele abebehambele ingqungquthela yeSanco ukuthi lizogcwala umoya ibhantshi kungqongqoshe athe akafuni ukuvuma ukugcotshwa kwalaba baqaphi.
“Thina siqeqesha intsha lana ukuba ilwe nobugebengu, wena njengongqongqoshe uyanqaba ukubasiza. Engingakusho ukuthi izinsuku zakho zibaliwe. Uma abantu abasha besilekelela ngokulwa nobugebengu nina nifuna ukubukela phansi lowo msebenzi.”
Abaningi bayihlaziye le nkulumo ngokuthi ibibhekiswe kuCele, okuwuye onamandla okugcoba laba baqaphi abazishaya samaphoyisa.
Emva kokusabalala kwe-video, uLesufi ukhiphe isitatimende lapho ebeshweleza khona.
ULesufi uthe ubengaqondile ukusongela ungqongqoshe, wathi uzohlela umhlangano nongqongqoshe othintekayo.
“Inkulumo yami ayehlanga kahle futhi izwakala sengathi isongela ungqongqoshe. Izinto ezikanje ziyenzeka uma sikhuluma nozakwethu kwipolitiki. Uma sizwakalisa ilaka lethu ngezinto ezithile, kuyenzeka zingafiki kahle kwabathintekayo. Njengoba isikhalazo sethu esikhulu singodaba lokulwa nobugebengu, sihlela umhlangano nongqongqoshe abathintekayo. Kulo mhlangano sizofike sichaze kabanzi ngenkulumo yethu, kuphinde kube nokubuyisana.”
ULesufi uthe okumkhathazayo ukuthi kule video esabalele ezinkundleni zokuxhumana ikhishelwe ngaphandle ingxenye lapho khona ebetusa iqhaza elibanjwe yizinhlaka zokuphepha ekulweni nobugebengu.
“Lapha bengithula inkulumo njengosihlalo we-ANC eGauteng ngebanga esesilihambile ukufeza izethembiso zokhetho. Kule nkulumo ngibhunge ngezithinta izinhlelo zikahulumeni wesifundazwe zokulwa nobugebengu. Enkulumweni yami ngikhulume kabanzi ngomsebenzi omuhle owenziwa amaphoyisa nezinhlaka zokuphepha. Kuyishwa ukuthi osabalalise i-video ukhethe ukukushiya ngaphandle lokho.”