AGCULISEKILE amalungu omphakathi waseMthwalume, ngesikhathi owesilisa ongumfundisi osolwa ngecala lokudlwengula ingane (15) ekhetha ukulaxaza isicelo sakhe sebheyili.
Lona wesilisa ubevele eNkantolo yeMantshi yaseMzumbe, izolo.
Ngesikhathi evela, amalungu omphakathi abedinwe egane unwabu, abebhikisha ngaphandle kwenkantolo, ethi akanganikwa ibheyili.
Unobhala wenhlangano elwela inhlalakahle yabesifazane nezingane emphakathini, iWomen of uMthwalume, uNksz Minenhle Mbhele, uthe bajabule kabi umsolwa elaxaza isicelo sebheyili.
“Ungathi ubazi ukuthi asimdingi emphakathini. Asikwazi ukuthi singahlala nomuntu oyisilwane, onukubeza izingane,” kusho uNksz Mbhele.
Uthe bahambe bayomasha ngaphandle kwenkantolo ngoba befuna ukuzwakalisa ilaka labo ngesenze sikamsolwa.
Echaza ngecala umsolwa aboshelwe lona, uthe ithumbu libhoboke ngoSepthemba 10, nonyaka, ngesikhathi umgilwa ebalekela komunye umakhelwane wakhe, emva kokubizwa wumsolwa.
Uthe umgilwa ufike kwamakhelwane wagonyuluka ukuthi usekhathele ukudlwengulwa wumsolwa.
“Uveze ukuthi umsolwa ubemdlwengula kusuka ngo-Ephreli nonyaka. Uthe ubethula engasho ngoba umsolwa ubehlale emsabisa ngokumbulala,” kusho uNksz Mbhele.
Utshele Isolezwe ukuthi umsolwa ugila le mikhuba nje ubekade engaphandle ngoshwele kusuka ngawo u-Ephreli.
Uthe naphambilini, wayeboshelwe wona amacala ahambisana nokunukubeza.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal , uLieutenant Colonel Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi owesilisa oneminyaka engu-46 uboshiwe wabekwa icala lokudlwengula.
“Uvelile enkantolo kanti icala lisingethwe uphiko oluphenya amacala odlame lwasemindenini, ukuvikelwa kwezingane namacala ocansi olusePort Shepstone,” kusho yena.