AMAPHOYISA asekhiphe isixwayiso ekhuza umphakathi ngokungalokothi uvule amacala angekho esiteshini samaphoyisa.
Lokhu kuza emuva kokuthi kuboshwe owesilisa okuthiwa uvule icala elingekho esiteshini samaphoyisa sase-Eldorado Park, eGoli.
Umsolwa ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngoMsombuluko ntambama.
Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uSergeant Fezeka Khobo uthe kusolakala ukuthi umsolwa uye esiteshini samaphoyisa wayobika ukuthi udunwe imoto yakhe.
“Umsolwa ubike ukuthi udunwe imoto yakhe ngamadoda amahlanu ngesikhathi eyipaka lapho ehlala khona,” kusho uSerg Khobo.
Kuthiwa uphenyo olunzulu lwamaphoyisa luvundulule ukuthi lendoda iqambe amanga ifungile.
Kuvele ukuthi lendoda ihlulekile ukubuyisela imoto yomsebenzi lapho isebenzela khona yavele yayovula icala elingekho.
USerg Khobo uthe umsolwa kulindeleke avele enkantolo maduzane.
Umphathi-siteshi e-Eldorado Park, uBrigadier Mkhacai Maluleke uhlabe ikhwelo walibhekisa emphakathini wathi awungalokothi uvule amacala angekho.
UMaluleke uthe ukuvula amacala angekho kuphazamisa amaphoyisa emsebenzini wawo wokuphenya amacala angempela.