KUZOSUSA umthwalo emahlombe abashayeli bezimoto ukwehliswa kwentengo kaphethroli nekadizili ngemali engaphezu kukaR1 kusuka ngoLwesithathu.
Ilitha likaphethroli i-93 unleaded lizokwehla ngoR1.06 cents, i-95 yehle ngoR1.14 cents.
Kumenyezelwe nokwehla kwelitha kapharafini ngoR1.11 cents bese udizili wehla ngoR1.12 noR1.14 cents
Abantu abathenga igesi bazofaka uchatha ka-23 cents emalini abathenga ngayo i-kilogram layo.
Lokhu kusho ukuthi kusukela ngo-Okthoba 2, ilitha kaphethroli izobiza uR21.05 cents ekadizili ibe nguR18.45 cents ezifundazweni ezimaphakathi nezwe kubalwa neGauteng.
Ezifundazweni ezigudle ugu, uphethroli uzobiza uR20.26 cents ilitha kuthi udizili ubize uR17.66 cents ilitha.
Ukuqina kwamandla erandi uma liqhathaniswa nedollar lase-United States of America nokwehla kwentengo kaphethroli, udizili nopharafini emhlabeni ikhona okube nomthelela kulokhu kwehla.
UMnuz Layton Beard we-Automobile Association, uthe kube yizindaba ezinhle kubashayeli ukwehla kwentengo osekuyihlandla lesihlanu kusukela kuqale unyaka.
“Lokhu kusho ukuthi sebezokhokha iimali encane kunalena abebeyikhokha ezinyangeni ezedlule. Wonke umuntu uzojabula ngalokhu kwehla,” kusho uBeard.
Ngesonto eledlule uBeard uveze ukuthi ukwehla kwentengo kawoyela ongahluziwe emhlabeni kube nomthelela omkhulu kulokhu kwehla.
I-AA ifuna uhulumeni ulwenze luvuleleke kuwona wonke umuntu uhlelo lokunyuswa kwentengo yezimbiwaphansi futhi ungazivaleli ngaphandle izinhlaka ezimqoka uma kuza kwezithinta uwoyela nentengo yawo.
UMphathi wehhovisi lenhlangano yamatekisi iSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Sfiso Shangase, uthe kuyabajabulisa ukwehla kwentengo kaphethroli nodizili.
“Siphila ngomusa kaThixo (embonini yamatekisi) ngoba nakhu siyakwazi ukukhokha isikweletu semoto sondle imindeni yethu. Alusisizi ngokwenza inzuzo uhlelo esilusebenzisayo lokunyusa imali yokugibela ngoR1. Nakuba wehla uphethroli kodwa imali yokugibela itekisi ngeke yehle,” kusho uShangase.
Uthe izindleko zokugcina itekisi lihamba emgwaqweni zimba eqolo .