KUYAQHUBEKA ukunqamuka kukagesi ngokwesigaba sesine njengoba i-Eskom iveze ukuthi ayinawo udizili owanele.
UMnuz Sikhonathi Mantshantsha okhulumela i-Eskom, uthe umkhumbi ofanele ukudiliva udizili awukwazi ukupaka echwebeni laseMossel Bay ngenxa yamagagasi adlongile.
Uthe lokhu kubanika inkinga ngenxa yokuthi sebesele nodizili omncane esiteshini sabo iGourikwa kanti basalinde ozolethwa ngamaloli esiteshini sabo i-Ankerlig.
Ube esekugcizelela ukuthi ugesi uzonqamuka ngokwesigaba sesine kuze kube udizili uyafika eziteshini zabo ukuze imishini yabo yegesi isebenze ngokugcwele.
Uveze ukuthi esiteshini iCamden kunenkinga eholele ukuthi bayicishe imishini yabo emithathu.
Uthembise ukuthi bazokhipha isitatimende esigcwele namhlanje.
Kuzokhumbuleka ukuthi kulo nyaka, i-Eskom iveze ukuthi isebenzise uR7.7 billion ukuthenga udizili futhi ibeke uR500 million wokuthenga omunye udizili.
Kulindeleke ukuthi isebenzise imali efinyelela kuR15 billion ngenxa yemishini efa njalo, okuyiyona abathi iphoqa ukuthi bashise udizili omningi uma begwema ukuthi izwe libe mnyama bhuqe.