KUPHOQE ukuthi lushintshe uhlelo loMkhosi woMhlanga emva kokukhothama kukaNdunankulu kaZulu, Inkosi Mangosuthu Buthelezi.
Uhlelo lwalo mkhosi obusesigodlweni eNyokeni lunqanyulwe lwalufushane njengengxenye yokuhlonipha uButhelezi.
Kuphinde kwahoxiswa ingxenye yomkhosi ebizokuba ngeSonto.
Lesi memezelo senziwe yiSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
"Ngokomthetho uma kuvele isimo esinje akube kusaba khona izinkulumo. UMhlanga wakusasa (ngeSonto) awusezukuba khona. Namhlanje siyawuvala uMhlanga. Sesiyoze siwubone ngonyaka ozayo."
ISilo sithe uZulu ugqemeke engeqiwa ntwala ngokukhothama kukaButhelezi.
"Okusehlele Zulu akuyona into eyejwayelekile. Ngikhala kanye nani Zulu. UButhelezi ngisebenze naye isikhathi eside sibambisene, futhi sizwana."
Bekunomunyu emkhosini emva kokuthi kumenyezelwe izindaba zokukhothama kukaButhelezi, okhothame ezintathakusa namhlanje (ngoMgqibelo).
Ngesikhathi kuqhubeka umkhosi, eduze kweSilo bekunesihlalo ebesingahleli muntu.
Lesi sihlalo besisesandleni sokuphosa seSilo, nokuyindawo obekujwayele ukuhlala kuyo uButhelezi uma kunemikhosi yaseNdlunkulu.
Obephethe uhlelo, uDkt Sibongiseni Dhlomo, uthe bakhethe ukuthi kungahlali muntu kulesi sihlalo njengengxenye yokuhlonipha uButhelezi.
"Noma singampintshana kanjani akekho umuntu ozohlala kule sihlalo. Lolu wuphawu lokuthi ngabe uButhelezi uhleli lapha."
Inyosi yeSilo, uMnuz Buzetsheni Mdletshe, uthe kusho lukhulu ukuthi uButhelezi akhothame ngosuku loMkhosi woMhlanga
"UNkulunkulu ukhethe ukumthatha uMntwana wakwaPhindangene ngosuku lapho iSilo sihlanganise khona abantu. Kuyisibusiso ukuthi uMntwana wakwaPhindangene ahambele ekhaya."