UMPHATHISWA woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana KwaZulu-Natal, ukhathazekile ngokwehluleka kobuholi bukaMasipala uMdoni ukulungisa izinkinga.
UMphathiswa womnyango uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uhambele umasipala okhungethwe yizinkinga eseziholele ekutheni kube nemibhikisho ehlukene ngaphansi kwawo. Sekuphele amasonto amathathu amahhovisi kamasipala evaliwe ngenxa yemibhikisho yomphakathi neyabasebenzi bekhala ngenkohlakalo nezidingo zomphakathi ezingafiki kuwo.
"Umkhandlu wehluleke ukulandela izincomo njengokuyalela komthetho uSection 106, mayelana nombiko wophenyo olwenziwa umnyango ngo-2018, ngenkohlakalo kulo masipala. Ukungalandelwa kwalezo zincomo kuveza lo masipala njengongenandaba nenkohlakalo. Siyafisa ukubona umkhandlu ukusukumela ukuxazulula izinkinga umphakathi okhala ngazo. Ukusebenza ngokuvulelekile, ukubuyisela isimo sokuhanjiswa kwezidingo zomphakathi ngendlela kubalulekile," kusho uButhelezi.
Uqhube wathi ikomiti lesigungu sokuphathwa kukamasipala kumele libambe iqhaza elibonakalayo ekuqinisekiseni ukuthi izinkinga zilungiswa ngokushesha nangempumelelo.
UButhelezi uthe uzobhalela usomlomo kamasipala incwadi ezobe imnxusa ukuthi akangenelele, alungise izinkinga umphakathi okhala ngazo.