UHLELO lokucisha ugesi ngenhloso yokuwonga kusukela izolo kubekwe esigabeni sesithathu.
Izolo isikhungo esiphehla ugesi, i-Eskom, sibhale kutwitter ukuthi ukucisha kukagesi kusukela izolo kuze kube namhlanje kuzoba sesigabeni sesithathu kodwa kungaphinde kuqhutshwe uma kuba nesidingo.
Lokhu kulandela ukuthi isikhulu esiphezulu sale nkampani, uMnuz Jan Oberholzer, ngoLwesibili siveze ukuthi le nkampani isiphelelwe imali yokuthenga udizili ngakho ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga kungenzeka kuthathe isikhathi eside esingaze sifinyelele onyakeni kusalungiswa iziphehlimandla.
UMnuz Jacob Maroge, oke waba isikhulu kule nkampani, ucashunwe kweminye imithombo yezindaba ephawula ngesitatimende sakamuva sale nkampani, ethi kubukeka sengathi i-Eskom isiphelelwe ngamaqhinga futhi ayinalo uhlelo lokuthi izosilungisa kanjani isimo.
"Ukubekwa ukucisha kukagesi esigabeni sesithathu bese kuthiwa lokhu kungashintsha, kusitshela ukuthi alikho isu lokulungisa isimo, isu elikhona elokucisha ugesi ukuze wongeke. Uma kushintsha isimo, isigaba sokucishwa kukagesi singafinyelela nakwesesithupha. Okunye okufakazela lokhu engikushoyo ukuthi sesizwe izikhathi ezingafani zokuthi ukucishwa kukagesi kuzoqhubeka isikhathi esingakanani, kuke kwathiwa izinyanga ezingu-12 kwabuye kwathiwa zingu-18 nazo lezo zinyanga esingekho isiqiniseko sokuthi kuyobe sekulungisiwe konke okuyinkinga njengamanje,“ kusho yena.
Uqhube wathi enye inkinga enkulu ukuthi i-Eskom ikweletwa imali enkulu kakhulu engu-R52 billion okungelula ukuthi abantu abakweletayo bayikhokhe.
"Ngiyezwa kukhulunywa ngokuthi izikweletu zabakweletayo zicishwe, ikakhulukazi eSoweto. Lelo akulona isu lokuqeda inkinga ngoba labo bantu bazophinda babe nenkinga yokukweleta futhi. Okunye okumele sikuqonde ngalezi zikweletu ukuthi akuzona ezabantu basemphakathini kuphela kodwa ngezamakhasimende amakhulu kubalwa nabo omasipala," kusho yena.