UBONGE ithuba lokusebenzela abantu bakuleli uMnuz uZizi Kodwa esula esikhundleni sobungqongqoshe emuva kokusobozelwa woKlebe wavela enkantolo ngecala lenkohlakalo.
UKodwa, obengungqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko, udedelwe ngebheyili kaR30 000 benoMnuz Jehan Mackay aboshwe naye. Bebevele eNkantolo yamaCala eMali ePalm Ridge izolo.
UMackay wayeyisikhulu senkampani, i-EOH, ngesikhathi okuthiwa kwenzeka ngaso inkohlakalo phakathi kwakhe noKodwa.
UKodwa ufike enkantolo engaxwayile ehamba noMackay abehleli naye ebhokisini labamangalelwa. UKodwa noMackay, abakhulunyelwe abameli babo, bayawaphika amacala.
UKodwa uphume enkantolo kwavela isitatimende sokuthi usesulile esikhundleni. Ubonge umengameli nabantu bakuleli ngokumnika ithuba lokusebenzela uhulumeni.
UMackay, ongummangalelwa wokuqala, usolwa ngokucubuza amagabade kuKodwa ngemali engaphezu kukaR1 million ekhonga amathenda.
UMbuso uthi uMackay wayetetemukisa uKodwa, emlalisa ezindaweni ezibizayo eshunqisela izinyosi ukuze atape amakhekhe emalini kahulumeni.
UMbuso uthi uKodwa wakwenza lokhu ngesikhathi esakhulumela i-ANC. UKodwa noMackay baboshwe kusukela ebufakazini obethulwa kwikhomishini eyayiphenya inkohlakalo.
Kwikhomishini kwavela ukuthi uKodwa wemukela imali kaMackay wathenga unyanyavu lwemoto. UKodwa wayivuma imali phambi kwekhomishini, wathi wayexakekile wacela umngani ukuthi amhawukele.
UMbuso uthe uphenyo seluphothuliwe futhi abameli bazonikwa uhlu lofakazi ukuze abamangalelwa bengaxhumani nabo baphazamise uphenyo.
UMbuso awukuphikisanga ukudedelwa ngebheyili kwabamangalelwa, wathi akukho okukhomba ukuthi bangase babalekele icala. Bathe abamangalelwa ababona abantu abayingozi emphakathini.
Bayalelwe ukuthi banike umseshi izincwadi zabo zokuhambela amanye amazwe. Ummeli kaKodwa, uMnuz Zola Majavu, uthe ikhasimende lakhe liyaliphika icala futhi bayazibuza ukuthi umuntu okhulumela i-ANC uhlangana kanjani namathenda.
Icala likaKodwa lihlehlele uJulayi 23 ukuze kunikwe abameli ithuba lokuxoxa kabanzi nabamangalelwa, bathathe imiyalelo yabo.
UKodwa uboshwa nje ulandela obengusomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, naye osenkingeni yecala lenkohlakalo. Umthetho we-ANC uthi bonke ababhekene namacala kufanele bashenxe ezikhundleni abajutshwe kuzona.