NKOSIKHONA CELE
UHLOSE ukukhuthaza abantu besifazane ukuba babe nesibindi sokuma balwele amalungelo abo nokungokwabo umdlalo osihloko sithi Umhlaba, ozokhonjiswa kuSABC 1 maduze nje.
Omunye wababhali bawo, uSphakamiso Gumede uthe inhlosongqangi yalo mdlalo ukukhuthaza imbokodo ukuba ingesabi ukumelana nezimo ezinzima.
Uveze ukuthi umlingisi ophambili kulo mdlalo nguNoxolo Dlamini, ozobe elingisa indawo kaNobuhle.
Uthe uNobuhle ngowesifazane obonakala enesibindi sokuthi alwele umhlaba wakubo njengoba kuba khona owesilisa okuthiwa uMalinga ofuna ukuwudla ngobundlavini.
UJimmy Magubane, owake walingisa nakuZalo, uyena olingisa indawo kaMalinga.
"Lo wesifazane kulo mdlalo ubonakala eba nesibindi sokuthi awulwele umhlaba wakubo. Akagcini nje ngokuwulwela kodwa impi ugcina eyinqobile,'' usho kanje.
Uthe kuningi kakhulu okungafundwa ngabanye besifazane kulo mlingisi onguNobuhle.
"Okokuqala nje abangakufunda ukuthi uma ungumuntu wesifazane kumele ube nesibindi, ulwe. Kumele ungavumi ukuthi kube khona abakuphuca izinto zakho kalula,'' usho kanje.
Uthe ukholwa ukuthi lo mdlalo uzoklama indima enkulu ekubuyiseni ukuzethemba kubantu besifazane baseNingizimu Afrika.
Omunye wabaqondisi balo mdlalo, uMxolisi Zuma owagqama elingisa kwiFalakhe.
Kulo mdlalo kubonakala noMashudula odume kakhulu kwiTikTok, nabanye abaningi. Kuvela noSphamandla Gumede olingisa indawo kaSiphosethu.
Lo mdlalo uqoshwe yinkampani ebizwa ngokuthi yiBlack Belt Security kaMnuz Lindani Gumede kanti uqoshelwe elokishini laKwaNdengezi, ngaphandle kwasePinetown.