UKHUTHAZA ukuthi kube nokuthula kungabibikho ukuklwebhana nokungcofana okungenasidingo emabandleni umfundisi osemncane.
UMfu Siphiwo Sithathu (34) ongumholi webandla, iCCM ukuKhanya Kokuthula uthe leli bandla elineminyaka emibili lasungulwa lakhiwe phezu kwesisekelo sokuthula noxolo.
Uthe ukhuthaza okufanayo nakwamanye amabandla akhona KwaZulu Natal nakwezinye izifundazwe.
USithathu uthe ukholwa ukuthi kungagwemeka nokuqembukelana kwebandla likaNkulunkulu uma kungase kuqinisekiswe ukuthi kuba nokuthula kweqiniso phakathi kwamakholwa.
Echaza kabanzi ngalokhu uSithathu uthe : "Ngiwumholi osemmcane impela kodwa ngiyakholelwa kakhulu ekutheni ibandla likaNkulunkulu lidinga ukuthula noxolo ngaso sonke isikhathi. Uma ukuthula kungaba kuningi ngaphakathi ebandleni likaNkulunkulu kungaba kuningi kakhulu okungagwemeka.''
Ukhuthaze nabaholi bamabandla ukuba bazi kabanzi ngezimo nangenhlalo abazalwane ababaholayo abazithola bebhekana nayo mihla namalanga.
Uthe kumqoka ukuba abefundisi bakhuthazwe ngokuthi bazi kabanzi ngenhlalonhle yamakholwa abawaholayo.
"Uyazi ukuthi ayikho into ebuhlungu njengokukhonzisa umzalwane othule kodwa ongasho ukuthi unezinkinga. Ngikholwa ukuthi ibandla likaNkulunkulu lingangenela kube khona elikwenzayo ngenhloso yokubalekelela uma kunesidingo sokuba kwenzeke kanjalo,'' usho kanje.
Uthe kubalulekile nokuthi abahola amabandla bahole ngendlela yokuthi kube lula kubazalwane abanezinkinga ukuthi bakhulume nabo ukuze nabahlwempu kube nendlela yokubalekelela.Abanezinkinga emishadweni nabo balulekwe, umzalwane akangadikwadikwa yizinkinga abaholi bamabandla nabanye abazalwane bekhona. Ukholwa wukuthi ibandla likaNkulunkulu likhonela nalokho, ukusiza ababuthakathaka.
Uthe eminyakeni eyishumi ezayo ukhulekela ukuthi ibandla aliholayo libonakale likhula ngamandla.
Uthe kodwa ekukhuleni kwalo akafuni ukuthi kube nomsindo kodwa ufuna ukuthi ukuthula kuqhubeke kube yisisekelo sokukhula kwebandla.