UFUNA ubulungiswa umlisa waseNtabamhlophe, e-Estcourt, uMnuz Sizwe Vilakazi, emuva kokukhonjwa indlela emsebenzini abewenza ngoba exoxe “imikhuba" nentombazane yomdabu waseNdiya eneminyaka ewu-14.
UVilakazi (35) uthe uqale ngokumiswa ngaphambi kokuxoshwa enkampanini ezinze ePinetown kodwa ediliva amanzi emiphakathini yaseVerulam nasePhoenix, iCrosmoor (XM Group). Eluchaza ukusuka nokuhlala udaba uVilakazi, uthe wayejutshwe yinkampani ukuba ayohambisa amanzi emphakathini waseVerulam, eThekwini ngoJulayi 17.
Uthe wathi esalinde ukuba umphakathi uze namabhakede uzokhongozela amanzi, kwaqhamuka intombazane engumNdiya yamnikeza incwadi efundeka kanje: "Igama lami nguK****a futhi ngikukhonzile kakhulu. Ubani igama lakho ngoba ngiyazifela ngawe. Ngiyakuthanda. Ivela kuK......"
UVilakazi uthe wafike waxoxela ozakwabo ukuthi ushelwa yintokazi yomNdiya.
Uthe washaqeka kabi ebusuku ethola ucingo kodwa lulokhu lungena lunqamuka. Uthe wagcina elubambile kanti ushayelwa yile ntokazi ngocingo lukayise nolukagogo wayo.
Uthe okwamshaqa wukuthi wayengayinikezanga le ntombazane inamba yakhe.
Uthe wabuye wathola nemiyalezo kuWhatsApp, Isolezwe Ngempelasonto elinayo. Le ntombazane ebingelela kuqala kuVilakazi ngokuthi "Hi Baby" bese yena ephendula ngokuthi "Hi Babe, how are you love..."
Le ntombazane ibuye imtshele ukuthi imkhumbule, bese uVilakazi aphendule ngokuthi ayenze imizamo yokuba babonane bese yona imbuza ukuthi ufuna ukulala nayo yini, athi yena ufuna bazipholele nje.
UVilakazi uthe ngoLwesine wabe esethola ucingo oluthi akaphuthume ehhovisi emuva kokuba ilungu le-ward committee lazise inkampani ukuba engabe esajutshwa eVerulam ngoba ufuna ukulala nengane encane.
Uthe okwalandela lapho kwaba wukumiswa kwakhe ngoba kuthiwa ubexoxa imikhuba nentombazane eneminyaka ewu-14.
Isolezwe Ngempelasonto lizibonile lezi zincwadi, eyokummisa neyokumxosha.
Isikhulu seCrossmoor Transport (XM Group), uPauline Naidoo, uvumile ukuthi lesi sehlakalo senzekile.
"Okokuqala, ubudlelwano umshayeli akhuluma ngabo obengane eneminyaka ewu-14, umntwana ... ngeke sisanaba kakhulu. Izingxoxo ezakhe nomntwana," kuphetha uNaidoo.
UVilakazi uthe ubengazi ukuthi intombazane ineminyaka engu-14 ngoba inethambo futhi yena akayishelanga kodwa iyona eyamshela.
Uthe akaneme ngokuxoshwa kwakhe ngoba abenzanga lutho nale ntombazane ngoba bagcina ngokuxoxa futhi ngeke ayikhomba. Uthe kungcono ukuba uvulelwe icala ngoba yena uzibona emsulwa.
Unxuse nanoma wubani ongamsiza kulolu daba ngoba usawudinga umsebenzi wakhe.
SIDE BAR
UNGOTI wezithinta abasebenzi ozimle, uMnuz Nzulu Dlamini, weluleke uVilakazi ngokuthi udaba lwakhe aludlulisele enkantolo yezabasebenzi. Uthe ukuba khona kwemiyalezo nokuthi akuzange kuvele zisuka ukuthi intombazane akhulume nayo ezothando yingakanani, kungaluqinisa udaba lwakhe.
Uxwayise abesilisa nokho ukuthi uma besemsebenzini, ikakhulukazi abahamba ngezimoto ezibhalwe amagama ezinkampani, kubalulekile ukuthi baziphathe kahle. Uma kuyiwa ngasezintweni ezithinta uthando, uthe kubalulekile nokuthi bayibhekisise indaba yeminyaka noma ubudala babesifazane abakhuluma nabo ezothando.
“ Ngiyacabanga nje ukuthi ukube le ndaba kaVilakazi nale ntombazanyana iqhubekile, ubengaze azihlanganise nayo ngokocansi engayazi iminyaka yayo. Lokho bekuyomenza umdlwenguli obengabhadla ejele iminyaka ngeminyaka,” echaza. Uthe ucansi nentombazane eneminyaka engaphansi kuka-16, yicala elibovu eNingizimu Afrika.
Uthe noma engeke akusho kugcwale umlomo ukuthi inkampani iphambukile ngokwesinqumo sokumxosha, kodwa uma indaba isiqhamuka ezikhulwini zenkampani isithi: ‘ umshayeli wenu ubekhuluma amanyala nengane eneminyaka ewu-14’, kulula ukugcoba ngodaka leyo nkampani uthi inabashayeli abakhohlakele abashela izingane ezincane. Lokho uthe kungafinyelela esinqumeni sokuthi ngempela umsebenzi ufake inkampani ehlazweni.