NKOSIKHONA CELE
SEKUQUBUKE omkhulu umsindo ebandleni laseMzimkhulu, Inkanyezi yokuKhanya. Lokhu kwenzeka ngemuva kokuthi omunye umholi webandla enenge amakholwa ngomthetho wokuthi akalingcwabi ikholwa elinikela "into engacacile"
Kuvela ukuthi kusuke umsindo ebandlani ngoba uMbhishobhi Vusukukhanya Malinga, egunyaze umthetho wokuthi ngeke abangcwabe abazalwane abanikela "ngozuka''
Kuthiwa akagcinanga lapho uthe abanikela kancane ngeke besangcwatshwa emathuneni ebandla.
Isolezwe Ngempelasonto likhulume namalungu ebandla abekhathazekile ngokugunyazwa komthetho womnikelo webandla.
Liqale lakhuluma nomndeni wakwaNxumalo onelungu, osekuphele iminyaka ewu-10 likhonza ebandleni. Kuthiwa uMalinga akafikanga emngcwabeni walo futhi wathi ngeke lize lifihlelwe nasemathuneni ebandla.
UMnuz Zakhele Nxumalo (56), kuthiwa udlule emhlabeni ngemuva kokuxinwa ukugula. Kuvela ukuthi ubelazisa kakhulu ibandla. Ilungu lomndeni wakwaNxumalo, uNksz Zothile Nxumalo lisole uMalinga ngokuthi uphatha ibandla ngesandla sensimbi.
"Kuyasixaka ukuthi ngampela yini eyenziwa nguMbhishobhi manje. Okokuqala nje umfowethu wayenikela kahle kabi esanguthisha engakaphelelwa umsebenzi. Manje njengoba eseshona engasasebenzi usehliswa isithunzi ngale ndlela,'' kukhononda uNksz Nxumalo.
Isolezwe Ngempelasonto likhulume nelinye ilungu lebandla laveza ukuthi uma uMalinga eqhubeka nokwenza kanjena uzophuma yena ebandleni.
"Ngeke phela sidlale indoda. Leli bandla salakha sonke ngokubambisana. Manje yena usecabanga ukuthi isinqumo sakhe yedwa singujuqu,'' echaza.
Ethintwa uMalinga uvumile ukuthi kunomethetho awugunyazile omayelana nokungafihlwa kwamakholwa anganikeli kahle enkonzweni. Uthe unamandla okuthi aphasise noma ngabe yimuphi umthetho ngoba ibandla kumele libe namakholwa azibophezele ngokweqiniso kulona. Wathi akathandi ukuthi ande kade ngokuthi umthetho uze ugunyazwe nje yingoba kusukela kuphi.
Unobhala webandla uNkk Ncamsile Khawula, uthe bazamile ukuxoxisana noMalinga ukuthi athambise kancane kodwa wala waphetha. Waveza ukuthi akukuningi azokuphawula ngodaba ngoba usefinyelele esinqumweni sokuthi alishiye ibandla ngoba kunoxhaxha lwezinkinga ezikhona kulona ngaphakathi.
Uveze ukuthi uMalinga akazange alubhade emngcwabeni kadadewabo omdala ngoZibandlela nyakenye ekhala ngokuthi akukho okutheni abekwenzela ibandla.
“Kwathi uma ngimbuza wangiphendula ngokuthi akayi emfihlweni welungu lebandla eliba nenkwantshu uma kumele kunikelwe,’’ usho kanje ekhulumela phansi.
Kuvela ukuthi uMalinga ungumsunguli webandla. Sekuphele iminyaka engu-20 likhona. Kuthiwa phambilini konke ubekwenza ngendlela efanele.
Kodwa konke kuqale ukushintsha ngemuva kokuba kushone umkakhe eminyakeni eyedlule.