UNGENISWE esibhedlela owayengusihlalo webhodi le-SAA uNkk Dudu Myeni, obekufanele avele eNkantolo eNkulu eGoli, kodwa waphutha. UNkk Myeni uboshelwe amacala enkohlakalo yemali elinganiselwa ku-R300 000, okuthinteka kuwona inkampani iBosasa.
UNkk Myeni waziwa ngokusondelana kakhulu nowayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma.
UNkk Myeni uboshwe ngoSepthemba nyakenye, noMnuz Trevor Mathenjwa badedelwa ngebheyili ka-R10 000 umuntu eyedwa. Bavela eNkantolo yeMantshi eRichards Bay, icala labo ladluliselwa eNkantolo eNkulu eGoli.
UMathenjwa wayeyisikhulu senkampani iSondolo IT, okusolwa ukuthi yaba nesandla ezenzweni zenkohlakalo. Ngesikhathi udaba lungena enkantolo kubikwe ukuthi uNkk Myeni akekho ngoba usesibhedlela uyagula.
Kusolwa ukuthi uMyeni wayemukela imali ngamasaka waphinda wafakelwa izinsiza zezokuphepha emzini wakhe nokuyizinto okwakungafanele azithole.
UNkk Myeni wavela izikhawu phambi kwekhomishini eyeyiphenya ukulawulwa kombuso yidlanzana lapho ayephekwa khona ngemibuzo. Ngesikhathi ephekwa ngemibuzo wayenikwe umbandela wokuthi angamdaluli ufakazi ofihliwe kodwa yena wamdalula. Wazidonsela amanzi ngomsele waboshwa, wakhokha inhlawulo.
Icala likaNkk Myeni lenkohlakalo lihlehlele uNovemba 21, ngethemba lokuthi uyobe eseluleme futhi esekwazi ukuvela enkantolo.