UDEDELWE ngebheyili ka-R500 eNkantolo yeMantshi yaseVerulam izolo unina wosana olwatholwa lulahliwe eVerulam ngoMsombuluko.
Owesifazane oneminyaka engu-23 uvele kule nkantolo kulandela ukuzinikela kwakhe emaphoyiseni ngoLwesibili.
Icala lakhe lihlehliselwe uNovemba 10.
Okhulumela inkampani yonogada kule ndawo, iReaction Unit South Africa (Rusa), uMnuz Prem Balram, uthe owesifazane uzinikele emva kokuthi ebone isililo esikhulu ezinkundleni zokuxhumana ngesenzo sakhe sokulahla indodakazi yakhe okuthiwa inezinyanga ezine.
NgoMsombuluko abosizo oluphuthumayo lweRusa babizelwa endaweni yesigameko emva kokuthi owesilisa owayethi uyokha umango ezithele phezu kwengane ilahliwe.
Eduze kwengane kwakukhona isikhwama esinamanabukeni, ibhodlela lobisi, idamu nencwadi eyayibhalwe ngowesifazane.
Encwadini wayenxusa ukuthi noma ngubani omtholayo umntanakhe, amthathe amnakekele noma afonele iziphathimandla.
Waphinde wanxusa ukuthi angehlulelwa ngesinqumo sakhe sokulahla ingane yakhe. Wagxeka osonhlalakahle ngokungamsizi izikhawu ezimbili eya kubo eyofuna usizo.
Akazange achaze ukuthi abakuliphi ihhovisi osonhlalakahle athi abamsizanga.
Waphinde wagxeka imithetho eminingi yokuhushulwa kwezisu, athi indlela eqine ngayo yenza abone ukuthi uhlelo lokwenza lokhu luba wumqansa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe bangakuqinisekisa ukuthi amaphoyisa abophe owesifazane oneminyaka engu-23 ngecala lokulahla ingane.
"Uvelile eNkantolo yaMantshi yaseVerulam namuhla (izolo)," kusho uGwala.
AboMnyango wezokuThuthukisa uMphakathi eKZN phambilini babethe bayafisa ukuthi lo wesifazane aziveze ukuze babone ukuthi angalekelelwa kanjani.