UQOME ukuzibhixa ngothuvi kunokubingelela iMantshi owesilisa osolwa ngokubulala uyise.
Ngokwemibiko yamaphoyiseni, ibhungu elineminyaka engu-24 laxabana noyise ngeSonto ekhaya kubo kwaMhlushwa, eMpumalanga. Ngemuva kwengxabano uyise wahamba waya esontweni engazi ukuthi uzobuya indodana yakhe imlalele unyendle.
“Ngesikhathi ubaba wekhaya ebuya esontweni, indodana yakhe yamhlasela yambokoda ngommese iphindelela,” kusho uCaptain Magonseni Nkosi.
Kuthiwa umgilwa oneminyaka engu-64 wazama ukubaleka kodwa wawa. Kwasiza omakhelwane ababona igazi bahlaba umkhosi kwafika abezimo eziphuthumayo kodwa ngeshwa akasindanga.
Umsolwa waboshwa wabekwa icala lokubulala.
Kuthe ngoMsombuluko sekumele ahanjiswe enkantolo, amaphoyisa abhekana nenkinga efica lo mlisa ezibhixe ngothuvi bakhe.
Kuphoqe ukuthi lo msolwa ogama lakhe nguTsepo Dlamini avele ngoLwesibili enkantolo yeMantshi eNkomazi, ukubhekana necala lokubulala.