ULOKHU ekhale njalo ngobungozi bendodakazi owesilisa waseChatsworth eThekwini okumanje umatasa nokunakekela izilonda zokusha emva kokuthi imbhunyele ngamanzi abilayo ngeledlule.
UMnuz Sithembiso Ngidi (42) uthe ugcine eyivulela icala indodakazi yakhe (20) yize ifunda u-matric, yase ikhalelwa amasongo kaSigonyela.
Uthe isigameko abengasilindele futhi esimshiye ethuthumela senzeke ngoMsombuluko.
Elandisa ngesehlakalo, uthe simehlele ngesikhathi ebuyile lapho esebenza khona ezochitha isikhathi nomndeni njengoba esebenzela kude, ebuya njalo uma kuphele inyanga.
“Siqhathwe ukuthi ngimbuze ukuthi kungani engayenzi imisebenzi yakhe yasekhaya njengentombazane. Ngibuza lokhu nje, umama (73) ubeqeda kukhala ngokuthi usuku lonke akakaze adle namaphilisi akawaphuzile,” kusho uNgidi.
Uthe wayeyicele kahle indodakazi ukuthi yenze imisebenzi yasendlini njengokupheka, ukuhlanza indlu nezitsha, bese isondezela unina (ongugogo kumsolwa) amanzi okuthi aphuze amaphilisi.
Uveze ukuthi unina akakwazi ukuzenzela izinto kulandela ukuphuka onyaweni eshayiswa yimoto, waphinde wehlelwa omunye umshophi, wokuwa waphuka ingalo emasontweni ambalwa edlule.
“Umntanami ngangimtshelile ukuthi njengoba umama enenkinga yokuba nonyawo olulodwa nengalo eyodwa, ngithembe yena ukuthi abe yiso amnakekele,” kusho uNgidi.
Ngosuku lwesigameko, uthe emva kokuyithethisa indodakazi, iphume iyishodi, ibheke kwamakhelwane kanti iyobilisa amanzi.
“Sisale sazibukela ithelevishini nomunye umngani wami. Ngizwe ngigodola, ngangena ekamelweni ngiyolanda ingubo yokulala ukuze ngimbathe. Ngithe ngibuya nayo, ngisathi ngisazisonga, ngezwa ngomngani wami ethi ‘Sthe bhasobha’. Ngithe ngisathi ngiyaqalaza ukuthi yini le athi angiyibhasobhe, asho amanzi abilayo ebusweni,” kusho uNgidi.
Udalule ukuthi ubezitshela ukuthi uzoyiyeka indodakazi yakhe ngemenze khona kodwa ubuye washintsha umqondo esezwa izinkulumo zayo ezithusayo.
“Ngithole ngomakhelwane ukuthi uyakhuluma, uthi ngoba amanzi awangibulali, usezongitholela abantu abazongibulala,” usho kanje.
Uqhube wathi: “Le ngane icwile otshwaleni. Iyingozi. Ayihloniphi muntu.”
Uthe akafuni nokuthi ithole ibheyili, ngoba usebonile ukuthi iyingozi, ingambulala nokumbulala.