UKHALE ngenkinga yokunqamuka kukagesi, izinkinga emachwebeni nokungabikho kwamaguzu, umphathi weSouth African Reserve Bank, uMnuz Lesetja Kganyago.
NgoLwesine uKganyago umemezele ukuthi imalimboleko izohlala ku-8.25%. Okusho ukuthi inzalo ekhokhwa ngabantu uma beboleka imali emabhange izohlala ku-11.75%.
Uthe izinkinga zikagesi, amachweba namaguzu zivimbela ukukhula komnotho ezweni.
Kulo nyaka umnotho wezwe uthe balindele ukuthi ukhule ngo-1.2%.
Uthe okwamanje amandla emali awakabi lapho efuna ukuthi abe khona isikhathi eside. Ufuna abe phakathi kuka-3% no-6%.
Ubuye waveza ukuthi izimpi eziqhubeka emazweni ahlukene njengeyaseRussia ne-Ukraine, ephakathi kwe-Israel neHamas zinomthelela omubi kubantu.
Ubalule ukuthi kunemikhiqizo eyenziwa eRussia nase-Ukraine kuphela ephazamisekayo uma kunempi futhi imikhumbi isiyasaba ukuhamba eRed Sea njengoba kuqhubeka impi ye-Israel neHamas.
Uthe abakhiqizayo bazodlulisela izindleko zokuhamba amabanga amade kubathengi, okusho ukuthi izinga lempilo lingase lilokhu libiza.
Ebuzwa ukuthi uzokwenzenjani njengoba i-ANC KwaZulu-Natal isabise ngokuthi izomashela emahhovisi eBhange loMbuso uma imalimboleko ingehli, uKganyago uthe uzokwamukela uhlu lwayo lwezikhalo.
Uchaze ukuthi imalimboleko ikulesi sigaba ekusona ngoba kuvikelwa abantu bakuleli.
USolwazi Bonke Dumisa, uthe akumangazi ukuthi ibhange aliyishintshanga imalimboleko njengoba kwaziwa ukuthi lihlale libheke amandla emali ukuthi akuphi.
Uthe okwamanje njengoba amandla emali eku-5.1% ngeke anyakaze mhlawumbe izoze iqale ukwehlisa imalimboleko ngoJulayi.
UMnuz Reuben Maleka wenyunyana yabasebenzi bakahulumeni, iPublic Servants Association (PSA), uthe bebefuna ukuthi uKganyago abe nozwelo, ehlise imalimboleko kodwa-ke kungconywana ngoba akayinyusanga.
Uthe ukunyuka umlibe kwemalimboleko kuholela ekudliweni kwempahla yabasebenzi abaqala ukudonsa kanzima ngezikhathi zeCovid-19.
Ubalule ukuthi laba basebenzi banokhwantalala ngenxa yokuthi abakwazi ukukhokhela impahla yabo, okubalwa izimoto nemizi.
Uphethe ngokucela iBhenge loMbuso ukuthi libe nozwelo, lehlise umthwalo kubasebenzi nabantu bakuleli ngokwehlisa imalimboleko.