IMEYA yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ithi ijijimeze uSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli ngencwadi yabameli imsola ngokuyihlambalaza.
Kulezi zinsuku osopolitiki balokhu bejikijelane njalo ngamagama bezamela amaqembu abo amavoti njengoba kubhekwe okhethweni lukazwelonke ngoMeyi 29.
UNtuli oyiMeya kaMasipala iKing Cetshwayo, ungenele umbango wesikhundla sikandunankulu wesifundazwe. Kulezi zinsuku uNtuli unqamula izinkalo ekhankasela iqembu lakhe.
UKaunda uthi uNtuli ukhulume into angenabo ubufakazi bayo emsola ngenkohlakalo ekhankasa eMlaza, ngempelasonto edlule. UNtuli ekhuluma eMlaza, uthe uma i-IFP inqoba isifundazwe izohlakaza uMasipala weTheku, bakhiphe uKaunda nozakwabo ngoba bakhohlakele.
UMnuz Mluleki Mntungwa okhulumela iMeya yeTheku, uthe izinsolo zikaNtuli azinaso isisekelo. Uthe uKaunda unike uNtuli izinsuku eziyisikhombisa ukuthi ayobika emaphoyiseni ngenkohlakalo akhuluma ngayo noma ahoxise amagama akhe.
Uthe uma uNtuli ehlulwa yilokho uzothathelwa izinyathelo zomthetho yena neqembu lakhe i-IFP.
“Siyaqonda ukuthi yisikhathi sokhetho manje kodwa sinxusa i-IFP ukuthi iwacele kahle amavoti iyeke ukusabalalisa amanga nemfundisoze. Sizimisele ukulwa nalolonke uhlobo lwenkohlaklo kumasipala,’’ kusho isitatimende seMeya yeTheku.
UNtuli ebuzwa ngalokhu uthe uqala nokuyizwa indaba yokuthi uboshwa wuKaunda ngalolu daba.
“Angikayitholi incwadi, ngiqala ukuzwa ngawe nje lokho,’’ kusho uNtuli obezwakala ukuthi akafuni ukwanda ngalolu daba. UKaunda ukhala kakhulu nangokuthi uNtuli wakhuluma la mazwi phambi kwenqwaba yabantu nabezindaba bethe shayi.
Kwenzeka lokhu nje, iMeya kaMasipala wesiFunda iZululand, uMfundisi uThulasizwe Buthelezi, yajijimeza uMphathiswa wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNomagugu Simelane, ngencwadi.
UButhelezi usola uMphathiswa ngokumhlambalaza ngesikhathi eqhuba umkhankaso we-ANC esifundeni iZululanda.