ISEZITHEBENI zikahulumeni waKwaZulu-Natal eyokuxhasa abazokwembathwa iSilo uMisuzulu kaZwelithini ohambweni lwaso lwasebukhosini baseMalawi okuthiwa ludinga imali engaphezu kukaR3 million.
Udaba lokuxhasa abazokwembathwa iSilo ohambweni lwangesonto elizayo luxoxwa yihhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu esifundazweni.
ISilo sizohambela umcimbi waminyaka yonke waseMalawi, iMthetho Cultural Festival, oba ngo-Agasti.
ISilo kuhlelwe ukuthi sembathwe abantwana basendlunkulu, amakhosi namabutho uma sesihambele lo mcimbi ozoqala ngoLwesithathu.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe basalubheka lolu daba.
“Lolu udaba lusezithebeni. Uzokhumbula ukuthi uMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu (uMfu Thulasizwe Buthelezi) ubuye abe uNdunankulu kaZulu. Ngakho ke siyalubheka lolu daba. Uma ngingaphosisi sengathi uhambo luzodinga imali engaphezu kukaR3 million.”
UNtuli ubekhuluma nabezindaba emva komhlangano weKhabhinethi, iLekgotla, ophele ngoLwesithathu.
Kuvele sekukhona itwetwe kwabanye abantwana basendlunkulu abafisa ukuba yingxenye yohambo lwangesonto elizayo.
Abanye bathe babona sengathi baningi abazophutha sebethembile.
Umthombo osendlunkulu uthe bayalelwe ukuba banciphise ithimba labazokwembathwa iSilo.
“Sitshelwe ukuthi kufanele kuhambe abantwana abalishumi kanye nasemabuthweni futhi kufuneka abalishumi. Kusho ukuthi baningi abazosala. Lokhu kuwukubukela phansi iSilo. Ingonyama yamaZulu iphethe isizwe esikhulu kabi, kufanele uma inyathela eMalawi kubonakale.”
Lo mthombo uthe awazi ukuthi imali edingekayo ingaphezu kukaR3 million, wathi bazi ukuthi kufuneka imali engu-R400 000.
Ulanda lo mthombo, uthe yize iSilo sizohamba ngebhanoyi bona batshelwe ukuthi bazohamba ngebhasi.
“Lolo hambo mhlawumbe luzothatha izinsuku ezimbili ebhasini. Sofika sinjani eMalawi? Khona uyokube usekhona umdlandla wokuhuba uma sifika phambili? Sibona sengathi kukhona nokungacabangelani lapha.”
Umcimbi uhlelwe Inkosi Ya Makhosi M’mbelwa V, wamaNgoni.
AmaNgoni adubuka kwelikaMthaniya, afuduka ngesikhathi sezimpi eholwa uZwangendaba Gwaza kaZiguda Jele Gumbi.
Inkosi yakhona inobudlelwano obuhle neSilo, yayikhona ngesikhathi iMbube ingena esibayeni.
Isasasa likhulu eMalawi ngokunyathela kweSilo.
UM’mbelwa uthe ukuhambela kweSilo eMalawi kuzoqinisa ubudlelwano bobukhosi bukaZulu nobamaNgoni.
Lokhu ukusho embhalweni awufake ekhasini lakhe leFacebook.
“Sikulangazelele ukufika kweSilo lapha kwelakithi.