IMIBIKO yokuthi kungase kuphele ugesi kuhlalwe ngomnyama ezweni, akuyona into okufanele ithathwe kancane nje ngoba ingaba nomthelela omubi ngezindlela ezehlukene.
Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, ubize isithangami sabezindaba waveza ukuthi uzwile ngosizwile ukuthi izwe lingase liphelelwe wugesi, kube mnyama su ezweni.
Ngaphandle kokushiwo wuMalema, kuvele kusabalele imibiko ethi kungase kuhlalwe ngomnyama ezweni. Izwe livele lihleli lubhojozi ngenxa yenkinga kagesi ocinywa ngenhloso yokuwonga. Ukungena kobusika kungase kuyibhebhethekise kakhulu inkinga yokucima kukagesi ngenxa yokuthi uzobe usebenza kakhulu.
Ukucima kukagesi kube mnyama ezweni kungabe kungaqali ngeNingizimu Afrika ngoba sekuke kwawehlela amanye amazwe. Phakathi kwawo kwaba yi-Afghanistan, Uganda, Madagascar, South Sudan, Tanzania, Nigeria, Ghana, Yemen, Pakistan neNepal.
Kufanele ngabe selwenziwe ucwaningo kuwo la mazwe ukuthi kwahamba kanjani futhi yikuphi akwenza ukubhekana nesimo sokucima kukagesi. Kufanele ngabe la mazwe asethintiwe achaze ukuthi isimo esinjalo asilungisa kanjani ukuthi singaphinde senzeke.
Abantu lapha abahlangene khona bamatasa, babuzana umbuzo owodwa ukuthi kodwa bayothi bani asabele kuphi uma kungase kwenzeke ugesi ucime unomphelo ezweni? Lokhu kukhomba ukuthi abantu bafuna izimpendulo ngalolu daba ngoba lubucayi, lungathinta impilo yabo ngendlela ehlukile kakhulu.
Uma kunesimo esinjalo, uhulumeni akufanele ushaye izaququ ngodaba olubucayi kangaka kodwa kufanele uphumele obala kwaziwe ukuthi kwenzenkani. Nakuba inkampanai kagesi i-Eskom ikuchithile lokhu kodwa uhulumeni bekungaba kuhle ukuthi kube khona okushoyo ukuqinisekisa ukuthi kuyiqiniso noma amampunge lokhu okusabalele.
Usihlalo webhodi le-Eskom, uDkt Mpho Makwana, uke wakhuluma eluthinta udaba lwengcindezi ababhekene nayo bezama ukugcina ugesi ukhanya. UMakwana ukubekile ukuthi ubusika budala isimo sibe nzima kakhulu.
Ngesikhathi kuqubuka iCovid-19 ngo-2020, uhulumeni awukaze unanaze ulokhu ufihla kodwa kwaba nesimemezelo esicacile futhi kwabekwa nezaba ezizokwenziwa. Kwaqala izinhlelo zokuqwashisa kwafakwa imali yokuzama ukubhekana nesimo, kwacaca nje ukuthi kukhona umnyakazo owenziwayo
Konke lokhu abakwenza kwaba nosizo olukhulu ngoba konke kwakubekwe obala kungafihlwe lutho. Kungaba yimbedumehlwane uma uhulumeni kukhona okwaziyo ngalokhu.
Ukucima kukagesi kuyinto eba buhlungu kabi noma ngabe kube yinto yamahora amabili nje, uthi ubuya umuntu usuke engasafisi lutho. Kwezinye izindawo ugesi uke uhambe izinsuku noma isonto lonke kube nzima.
Uma kungukuthi izwe lizoba nale nkinga kagesi kungaba kuhle kuphunyelwe obala kusenesikhathi bese kuhlanganiswa amakhanda ukuthi kuzokwenziwa njani. Lokhu kuyosiza ukuthi abantu bazilungiselele ngokomqondo, ngokwezezimali nangayo yonke indlela engase idingeke.
Uma futhi kuyinto engekho, kuchazwe kahle kuthi bha ukuze kungabi nokukhathazeka kubantu okungase kubadalele ukhwantalala kungenasidingo.
UMengameli Cyril Ramaphosa usanda kumemezela ukuthi uqoka uNgqongqoshe Kgosientsho Ramokgopa ukuthi abhekane ngqo nogesi kodwa kusabalele imibiko ethi akakatholi into eqondile ukuthi uzosebenza kanjani. Okuvelayo nje wukuthi kuthiwa kunomdonsiswano, kubangwa amandla nabanye ongqongqoshe nokuyinto engeke isize ngalutho enkingeni ekhona.
Ukwehluleka kwe-Eskom ukuphakela ugesi kuleli kuyobe kusho ukuthi izwe lisele dengwane. Kuyophazamiseka izinto eziningi okungaholela ekutheni kuguqe umnotho wezwe ovele untengantenga. Izwe linezinkinga eziningi ezifaka ukhwantalala kubantu, akusadingeki ukuthi kulokhu kudlalwa ngabo.
I-DA ike yaphakamisa iphuzu elibalulekile uma ithi lolu daba alubekwe ezithebeni zePhalamende, luxoxwe kubhekwane nalo ngqo. Abe-DA bathi abantu bakuleli banelungelo lokwazi ukuthi ngabe kuyiqiniso yini lokhu futhi uma kwenzeka kuyomiswa kanjani?
I-DA ikhala nangokuthi kufanele kube nohlelo olucacile ngokuthi kuyomiswa kanjani ngokudla uma kucima ugesi. Ukudla kuyisidingo sansukuzonke somuntu, ngeke kulunge uma kungase kuthiwe akusatholakali. Ngaphandle kokuthi bayiqembu eliphikisayo elizama amavoti kodwa bathinte udaba olubalulekile.
Okunye okuxakayo wukukhuluma kwezikhulu zinqakisana ngodaba lukagesi sengathi yinto yokudlala. UNobhala - Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uke wathi ukucima kukagesi ngenhloso yokuwonga yinto ezophela maduze nje, kulo nyaka. Gwiqiqi, uNgqongqoshe uRamokgopa uthi yinganekwane leyo, ngeke ukucinywa kukagesi kuphele maduze, kusazothatha isikhathi.
Ukucima kukagesi kube mnyama unomphelo kungabe kusho inhlekelele kwezempilo kwezokuphepha nakweminye imikhakha ebalulekile ezweni. Kufanele ngabe iHhovisi likaMengameli noma yena uqobo sebeke babeka amazwi athile. Okungenani, uMnyango wamaBhizinisi kaHulumeni kufanele ngabe usuke waphefumula.
Ukuthula kwabo kuzogcina kwenza abantu bahlalele ovalweni belokhu beqagela bengazi kuzokwenzekani. Okungenani-ke akwemukelwe isicelo se-DA, ixoxwe ePhalamende cishe ungqongqoshe uyobhoboka lapho akhulume ngalolu daba kucace ukuthi kwenzekani.