UMSOLWA ecaleni lokubulawa kukaBokgabo Poo uvele kafushane eNkantolo yeMantshi eBenoni izolo, icala lahlehliselwa uFebhuwari kulandela ukuthi enqabile ukufaka isicelo sebheyili.
UMnuz uNtokozo Zikhali ubengaphandle ngebheyili ngelinye icala lokudlwengula ngesikhathi okuthiwa wadlwengula ngaso uBokgabo oneminyaka emine, waphinde wambulala. Izicubu zomzimba kaBokgabo zatholwa ezindaweni ezahlukene emva kokuthi umndeni wakhe ubikele amaphoyisa ngokuduka kwakhe ngo-Okthoba 20.
Yize zisekhona izicubu ezingakatholakali kodwa ugcine efihliwe ngeledlule.
UZikhali uzogcinwa esitokisini kuze kube ubuyela enkantolo ngoFebhuwari 14. Phezu kokubhekana necala elibucayi, kuthiwa ubesabhekene nelokudlwengula intombazane eneminyaka eyisishiyagalolunye. Eqala ukuvela enkantolo uyise kaBokgabo, wahluleka nokuzibamba, waya ngqo kumsolwa emncenga ukuthi amtshele ukuthi ziphi izicubu zendodakazi yakhe okungenani ayifihle ngesizotha.
Umndeni wahlala amasonto usethembeni lokuthi hleze umsolwa azishaye, akhulume iqiniso kodwa lutho. Ugcine ufihla uBokgabo izicubu zakhe zingaphelele emva kokuthi bekwazile ukuthola imiphumela yolibofuzo eyayiqinisekisa ukuthi izicubu ezatholwa ngezakhe.
Esitatimendeni esikhishwe wuPhiko lwezokuShushiswa koMphakathi izolo, sikuqinisekisile ukuthi uZikhali ukhethe ukungasifaki isicelo sebheyili.
Umshushisi wayekade ethe uzofaka isicelo sokuthi kuhoxiswe ibheyili kaZikhali ecaleni abhekene nalo lokudlwengulwa kwentombazane eneminyaka eyisishiyagalolunye kodwa ugcine engasifaka ngangenxa yokuthi uZikhali unqume ukungabe esasifaka isicelo mayelana necala elithinta uBokgabo.
Kuthiwa uBokgabo ngosuku anyamalala ngalo wayehamba nomngani wakhe beyodlala epaki eseduzane eWattville, eBenoni,lapho bahlangana khona noZikhali.