UCHONYWE uphaphe lwegwalagwala ukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini obubanjelwe ePitoli, muva nje.
Lo mcimbi ubuhanjelwe ukhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uFanie Masemola, umongameli we-Institute for Risk Management eNingizimu Afrika, uMnuz Bheki Gutshwa nesikhulu esiphezulu uNksz Yvonne Mothibi.
UMkhwanazi uhlonishwe ngendondo yeRisk Influencer of the Year ngomsebenzi wakhe wokuvikela abantu, isithunzi nenzuzo ngenkathi enciphisa ubungozi ekukhuthazeni ukuphepha nentshisekelo ngezwe.
Isitatimende esikhishwe amaphoyisa sithe: “Le ndondo iwubufakazi bokuthi uLt Mkhwanazi usebenza kanzima ukugqugquzela usiko lokuqwashisa ngobungozi kanye nokuqina ngaphakathi kwesifundazwe saKwaZulu-Natal kanye naseNingizimu Afrika yonkana.”
Sithe ngaphansi kobuholi bakhe, isifundazwe iKwaZulu-Natal siqhamuke namasu amaningi okulwa nobungozi, aqinisekisa ukuphepha nokukhululeka komphakathi.
Ebonga ngokuhlabana ngayo le ndondo uMkhwanazi uthe: “Le ndondo ihlonipha ukuzinikela kwamaphoyisa ekulawuleni ubungozi kanye nokuzibophezela kwethu ekudaleni indawo ephephile nevikelekile kuwo wonke umuntu.”
UMasemola, ubongele uMkhwanazi ngokuthola lendondo.
“Le mpumelelo iwukubonakalisa ubuholi obuvelele nekhono lokukhuthaza nokugqugquzela amalungu ukuthi abeke eqhulwini ukulawulwa kwezinhlekelele, aqinise umthetho futhi agxilise ukuzethemba emandleni okulwa nobugebengu,” kusho uMasemola.
Uthe bayamubongela uLt Mkhwanazi ngokuhlonishwa futhi bamubheke ngamehlo abomvu ukuthi aqhubeke nobuholi bakhe kulesi sifundazwe saKwaZulu-Natal esibucayi.