Uhlanganise abantu abaqhamuka ezinhlakeni ezahlukene umcimbi wokugcotshwa kukaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, obuseMgungundlovu, ngoLwesibili.
Izicukuthwane eziqhamuka ezinhlakeni eyahlukene nabantu abajwayelekile beziphume ngobuningi bazo ukuzozibonela lo mcimbi ochazwe njengengqophamlando.
Kuqale kwanesibhocobhoco ngaphambi komcimbi, izicukuthwane zibukeka zikhungathekile ngenxa yokungaqali ngesikhathi kwawo.
Umcimbi uqale sekudlule isikhathi esingaphezu kwehora kwebesishiwo, ayikho incazelo enikeziwe.
Zonke izicukuthwane zike zakhishelwa ngaphandle, kwathiwa abezokuphepha basabheka ukuthi azikho yini iziqhumane etendeni.
UNtuli ufike ehamba nomndeni wakhe, okukhona kuwo unkosikazi wakhe, uNkk Sindiswa MaSibisi Ntuli, ofike wahlala phambili.
Kwizicukuthwane ebezihambele umcimbi bekukhona abaseNdlunkulu, phakathi kwabo bekukhona owayekhulumela iSilo, uMntwana uThulani kaGqikazi, kube khona noMntwana uNkinobho Zulu, ongomunye wababhekelele ukusebenza kwansuku zonke kwebutho likaZulu.
Umcimbi ubuhanjelwe amakhosi okukhona kuwo usihlalo wendlu yobuholi bomdabu KwaZulu-Natal, inkosi Sifiso Shinga, amakhosi aseKing Cetshwayo aphambili ekwesekeni iSilo uMisuzulu kaZwelithini, uThembinkosi Xulu noZenzo Zungu.
Umndeni womsunguli we-IFP, inkosi Mangosuthu Buthelezi, nawo ubuphume ngezinkani uholwa iNkosi uNtuthukoyezwe Zuzifa Buthelezi.
Umcimbi ubuhanjelwe owayengundunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu nabaholi bezepolitiki abahlukene. Bekukhona izifundiswa, abaholi bamabandla, nosomabhizinisi.
Abantu abajwayelekile nabo bathe angeke basale ngaphandle, bafika bezozibonela umcimbi ngaphandle kwenkundla.
Amalungu e-IFP abecula, ekhuza iziqubulo esangweni obekungena kulo izicukuthwane. Athe ukujabulele ukuphinde abe nondunankulu KwaZulu-Natal.
I-IFP yagcina ukuba nondunankulu KwaZulu-Natal ngaphambi kokhetho lwango-2004.
Bekuyinjabulo yodwa phakathi kwabe IFP nabe-ANC ngesikhathi kuqhubeka umcimbi.
Kubonakale usihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, encokola noNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, owumholi we-IFP.
UDuma noButhelezi baba nesiwombe esibi emcimbini wokukhumbula iSilo uDinuzulu kaCetshwayo, lapho khona uDuma aphuca uButhelezi umbhobho.