UBHEKENE nezinkinga uMengameli weNFP, uMnuz Ivan Barnes, ofuna ukumisa abaholi beqembu abaqavile okukhona kubo nezimeya.
INkantolo eNkulu eMgungundlovu ikhiphe isivimbelo sesikhashana esinqanda uBarnes ekutheni amise abaholi okukhona kubo iPhini leMeya kuMasipala waseThekwini, uNksz Zandile Myeni neMeya kaMasipala waKwaNongoma, uMnuz Mshangane Ndabandaba.
UBarnes ubefuna ukumisa abaholi beqembu abangu-12, iningi labo lingamakhansela.
Laba baholi bebebhekene namacala ahlukene okukhona kuwo awokwehluleka ukuthobela umthetho. Bavele banikela enkantolo emva kokuthola izincwadi ezibayalela ukuba bachaze ukuthi kungani kungafanele ukuthi bamiswe?
Likhipha isinqumo sesikhashana, iJaji uSidwell Mngadi, lichithe izincwadi zikaBarnes ezisabisa ngokumisa laba baholi.
“Inkantolo inquma ukuthi asikho emthethweni isigaba somthethosisekelo weNFP esinika isigungu esiphezulu ngokubonisana nomengameli amandla okumisa, ukwehlisa esikhundleni noma ukuxosha amalungu eqembu. Inkantolo inquma ukuthi ummangalelwa wokuqala (uBarnes) akanawo amandla okumisa noma awokuqondisa ubugwegwe amalungu eqembu.”
UMngadi ukhiphe isivimbelo esinqanda uBarnes nesigungu esiphezulu ekutheni bamise noma bashushise amalungu eqembu kuze kuba kuqedwa ukuqulwa kwecala.
UBarnes uyalelwe ukuba afake amaphepha aphikisa isinqumo sesikhashana ungakashayi uSepthemba 19.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaBarnes ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
UBarnes uqokelwe kwesokuhola iNFP engqungqutheleni eyayingonyaka owedlule.
Emva kokuqokwa kwakhe waba nokungaboni ngaso linye noNobhala Jikelele, uMnuz Teddy Thwala, wambhalela incwadi yokumumisa.
Mumva nje, uBarnes usanda kubhala incwadi ebizela iMeya kaMasipala waseDumbe, uMnuz Sibusiso Mkhabela, emhlanganweni lapho efuna ukuthi izochaza ngezinto ezithinta ukuphathwa komkhandlu.
UMkhabela uphinde abe usihlalo kazwelonke kwiNFP.
Encwadini, uBarnes wathi uthole izikhalazo ebuholini be-ANC kwisifunda iMzala Nxumalo, bukhalaza ngoMkhabela. I-NFP iphethe ngokubambisana ne-ANC kulo mkhandlu.
Izinkinga zangaphakathi kwi-NFP azizintsha.
Ubuholi obudlule beNFP bahlakazwa yisinqumo senkantolo nokwalandelwa umbango omude owaholela ekutheni iqembu lingakwazi ukungenela izinketho.