UGWETSHWE iminyaka ewu-10 ebhadla ejele ummeli waseThekwini, olahlwe yicala lokudla uR2.3 million wamakhasimende ayephunyelwe yimali kwiRoad Accident Fund (RAF).
ULangelihle Dube, ugixabezwe ngalesi sigwebo yinkantolo yamacala ezimali, eThekwini njengoba ehlalwe ngamacala okudla imali yabantu ayebamele, okukhona no-R1.4 million owawutholwe yingane eneminyaka engaphansi kuka-18.
Kuthiwa le mali wayeyifake kwi-trust account kodwa abantu ayebamele bagcina bengayitholanga imali yabo ephelele.
U-R1.4 million wengane kuthiwa kwakufanele athenge ngawo umuzi ngo-2015 kodwa yena wakhetha ukuzithathela le mali.
Isikhulu esiphezulu seRAF, uMnuz Collins Letsoalo sithe lesi sigwebo masibe yisixwayiso nakwabanye abameli, ukuthi bazojeziswa kanzima ngokudla izimali zabalimele ezingozini zomgwaqo.
“Abameli basebenzisa iRAF ukuzicebisa ngokuthi badle imali yabalimele ezingozini zomgwaqo, noma bafake izicelo zokunxeshezelwa ezingekho. Kuyishwa ukuthi abantu bakuleli baqolwa ngabameli okufanele ukuthi bayabavikela. Sizobalandela bonke abakhwabanisa izimali zeRAF, ukuze senze isiqiniseko sokuthi imali iya kubantu abafanele,” kusho uLetsoalo.
Uthe ngoFebhuwari kukhona abanye abantu abathathu abazogwetshwa eNkantolo yeMantshi eGoli, abalahlwe ngamacala awu-400 okukhwabanisa izimali zeRAF.
Uveze ukuthi iRAF izoqhubeka nokuletha ubufakazi ukuze izinkantolo zijezise abameli abakhohlakele, abasebenzi bezempilo nabanye abantshontsha imali yabalimele ezingozini zomgwaqo.
Ngonyaka wezimali odlule, uLetsoalo uthe bakwazile ukuvimba ukukhokhwa kuka-R2.6 billion obuzokhokhelwa abakhwabanisayo njengoba iRAF inophiko oluqinisekisa ukuthi zonke izinxephezelo zisemthethweni, bese ezisolisayo zidluliselwa emaphoyiseni ukuze kuboshwe abenza inkohlakalo.
Ugqugquzele abantu ukuthi uma kwenzeka ngeshwa beba sengozini yemoto, bathinte iRAF ngokushayela u-087 820 11 11 ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, ngabo-7h45 ekuseni kuya ku-4 ntambama. Bangangena ku-www.raf.co.za ukuthola amahhovisi aseduze nabo.