UVUME icala wagwetshwa owesifazane waseMatabetulu, eNanda, ngokubulala omunye wesifazane ayebanga naye indoda ngo-2022.
UMakhosazane Prudence (37) obevele eNkantolo eNkulu yaseThekwini, izolo, obengumsolwa wokuqala kuleli cala, uvume icala lokubulala umufi, uNksz Ntombifuthi Faith Mkhize (27).
Ulivume nowesilisa u-Andile Welcome “Lulu” Gcaba (26) owayemlekelela ukubulala umufi.
Baphinde bavuma necala lokuthumba. Laba bobabili kuthiwa ngoJulayi 19, 2022, bahlasela umufi ekubo eNanda.
Kuthiwa bamfica ehlezi yedwa bamphoqa ukuba angene emotweni iToyota emnyama.
Kuvela ukuthi bahamba naye baya endaweni eyihlathi khona eNanda, lapho abambulala ngokumklinya belekelelana.
Enkantolo kuvele ukuthi itulo lalihlelwe uMakhosazane ngoba wayecikwe ukuthi umufi umthathele isoka lakhe leminyaka, uMnuz Nkosinathi Kunene.
Kuvela ukuthi ngemuva kokuba laba ababili sebembulele umufi, bathatha isidumbu sakhe bayosilahla emfuleni eBuffelsdraai, eVerulam.
UGcaba ngosuku olufanayo wagoduka waya kubo eXobho, wafika wagonyuluka ngakho konke okwenzekile kumalume wakhe.
Umalume wakhe wazisa amaphoyisa kwalandwa isidumbu zase zibakhalela uGcaba noMakhosazane.
UMshushisi uDernado MacDonald uthe laba balivumile icala nakuyena wathi sekulele kwinkantolo ukuthi ibagweba kangakanani.
IJaji uMchunu ubasukumisile waqinisekisa ukuthi bayalivuma ngampela yini icala.
"Ngabe kuyiqiniso ukuthi nobabili niyalivuma icala futhi nizimisele ngokuthi nijeze ngenikwenzile?“ kubuza iJaji.
Bobabili bavumile. IMantshi ibe isibagixabeza ngesigwebo seminyaka engu-20 umuntu ngamunye.
IJaji lithe icala lokubulala liyohlale njalo libucayi phambi kwamehlo enkantolo.
Lithe laba ababili yize belivuma icala kodwa bakhombisa isihluku esikhulu njengoba umufi bambulala ngokumklinya.
“Noma nilivuma icala kodwa iqiniso ukuthi isenzo senu saba sibi kakhulu. Umuntu enambulala namzwisa ubuhlungu obukhulu. Kodwa naqhubeka ngoba naninenhloso eyodwa nobabili. Ngenxa yaleso sizathi iminyaka engu-20 inifanele,’’ kusho iJaji.
Bobabili abameli u-Adv Enerst Blero no-Attorney Zera Fareel babasolwa, bakuqinisekisile ukuthi abebesolwa balivumile icala.
Okuqaphelekile ukuthi enkantolo bebengekho abomndeni kamufi kodwa bekukhona abebezoseka abagwetshiwe.