INKANTOLO yeMantshi eBotshabelo igwebe owesifazane oneminyaka engu-40 ubudala ngecala lokuqamba amanga ngokudlwengulwa.
UMpho Christina Mafemere ubevulele owesilisa, uTeboho Madela (32), icala lokudlwengula elingekho.
Kuthiwa ngomhla ka-27 Novemba 2021 lo wesifazane uye esiteshini samaphoyisa eBoithuso lapho evule khona icala, umsolwa waboshwa ngoDisemba ngawo lowo nyaka.
Ngesikhathi sekuqulwa ngomhla ka-21 Septhemba 2022 uMpho uphumele obala kumshushisi ngokuthi ubeqamba amanga, wavulela uMadela icala ngoba engafuni ukumkhokhela imali abemkweleta yona.
Umshushisi uMalefane Mokoena wamphoqa ukuba abhale isitatimende sokuhoxisa icala, wabe eseyalela amaphoyisa ukuba enze uphenyo ngalokhu, okuyisenzo esiholele ekutheni aboshwa uMpho ngecala lokuqamba amanga ngomhla ka-28 ngayo leyo nyanga.
"Lo wesifazane walivuma icala ngomhla ka-17 Januwari nonyaka, wazama ngosizo lommeli wakhe ukufaka isicelo sesigwebo esilengisiwe. UMokoena wasinqaba leso sicelo eveza ukuthi owesilisa omsulwa uhlale izinyanga ezingu-10 ejele ngecala elingekho.
UMokoena uveze ukuthi amacala abebhekene nawo umsolwa abucayi kakhulu ngoba waqhubeka namanga akhe isikhathi eside ezicabangela yena yedwa.
“UMadela ngeke aphinde awuthembe umthetho nezobulungiswa uma sidedela lo wesifazane kalula nje kodwa yena usehlale isikhathi eside ejele ngento angayenzanga.
Inkantolo kumele ithumele umlayezo oqinile kulabo abaphula umthetho ngamanga, bajeziswe ngezenzo zabo,” kusho uMokoena.
Imantshii uWilma Le Roux igwebe owesifazane izinyanga ezingu-30 ebhadla ejele ngaleli cala.